Uzowukhomba umuzi onotshwala:
Abantu bebevame ukuphuza kakhulu utshwala bezandla lobu obugaywa emakhaya isiqatha, imfulamfula, injemane nobesiZulu nokunye okwehlukene. Kuyicala ukuvubela utshwala udayisele abantu ungenayo imvume futhi amaphoyisa abevutha kakhulu kudala, umuntu ubeboshwa uma etholakala edakiwe.
Ububoshwa noma utholakala ubuphethe utshwala uhamba nabo budedengu. Amaphoyisa uma ekubopha abekuphoqa ukuthi ukhombe lapho kade uphuza khona.
Yingakho kuthiwa uzowukhomba umuzi onotshwala ngoba abekuqhuba uyokhomba bafike babophe umdayisi noma bachithe utshwala kuhlakazeke amakhasimende.
Uma abantu bekuxwayisa ngemiphumela enzima ongase ubhekane nayo bathi uzowukhomba umuzi onotshwala.
Akubuyelwa emuva kungemgqigqo:
Kukhona uhlobo lokusina olubizwa ngomgqigqo olusinwa abesifazane nezintombi ezindala. Uma kusinwa umgqigqo kushaywa ujenge abantu bahambe sengathi bayathothobala, babuye bahambe sakugijima bashaye phansi ngenzinyawo, bacwile ngemizimba babuye bakhuphuke baye emuva babuye baye phambili.
Lapha kusuke kukhuzwa abantu abathanda ukulokhu bebuyela emuva entweni osekwedlulwe kuyona. Basuke bekhunjuzwa ukuthi impilo ayinjalo kepha iyaqhubeka iya phambili.
Ulwazi lucashunwe encwadini ethi Siphuza Emithonjeni Yokhokho ebhalwe nguMnuz Phumani Emmanuel Zondi.