IYOGA iyalekelela ukwazi ukumelana nengcindezi edalwa yizinkinga eziningi ezivelayo ngesikhathi ukhula.
Lokhu kushiwo uBongani Luthuli ofundisa iYoga enhlanganweni iSivananda World Peace Foundation, ngesikhathi kwethulwa ngokusemthethweni izinhlelo zokulungiselela usuku lweYoga emhlabeni, iWorld Yoga Day eba minyaka yonke ngoJuni 21, eThekwini, ngeSonto.
Uthe unyaka wesishiyagalolunye enza iYoga esimsize ekutheni akwazi ukulawula ulaka nengcindezi abebhekana nayo ngenxa yezinkinga zokukhula.
"Sengiphakathi ngabona ukuthi kunesidingo sokuthi nami ngifundise abantu bakithi ukuthi iYoga iyisikhali esingakusiza ekutheni ubhekane nengcindezi empilweni, ikusize ekutheni umqondo wakho ukwazi ukucabanga ngendlela," kusho uLuthuli.
Lezi zinhlelo zizokwenziwa esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuze kufundiswe umphakathini ukuthi iYoga ibaluleke kanjani nokuthi yenziwa kanjani.
UMnuz Ishwar Mabheka Zulu Ramlutchman wale nhlangano, uthe kulo nyaka kuzobe kuphela iminyaka eyishumi, inhlangano yezizwe, i-United Nations yabeka usuku lweyoga emhlabeni.
"Kulo nyaka sizogxila kakhulu ezikoleni ukuze sifundise abafundi ukuthi bangayisebenzisa kanjani iYoga ukuze bakwazi ukubhekana nezifundo zabo bangabi nengcindezi novalo. Abantu abadala nabo ngeke sibashiye ngaphandle ngoba iyabasiza kakhulu belule imisipha baphinde balwe nezifo ezingamahlalakhona. Okusempeleni iYoga ilungele wonke umuntu kodwa bakhona ewusizo kakhulu kubo njengalaba esengibabalile," kusho uRamlutchman.
UNkkThobile Njapha (55) waseNanda obeqala ukujoyina iYoga izolo, uthe uphathwa yisifo samathambo, ujwayele ukusebenza engadini. Ululekwe ngabanye abantu endaweni ukuthi ajoyine iYoga ukuze abone ukuthi ngeke yini imsize.
"Kusenzinyana khona ngoba bengingajwayele ukwelula umzimba wami ngendlela esifundiswa yona kodwa ngiyethemba ukuthi kuzogcina kujwayeleka," kusho yena.
UXolani Radebe waseNtuzuma ofundisa ukwenza iYoga, uthe abantu abamnyama bazitshela ukuthi iYoga into yamaNdiya kanti into esiza umzimba wawo wonke umuntu.
"Sengibhale nencwadi efundisa ngeYoga ngesiZulu ngoba nathi singabantu abamnyama siyadinga ukuthi siyiqonde kahle ukuthi iyini. Uma sengithole uxhaso ngizoyishicilela," kusho uRadebe.