IYOGA ingasiza ukuhlanganisa izinhlanga ezehlukene ezihlala KwaZulu-Natal.
Lokhu kushiwo nguNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, ngesikhathi kugujwa usuku lweyoga emhlabeni, i-International Yoga Day, obeluhlelwe inhlangano iSivananda World Peace Foundation eThekwini, ngoMgqibelo.
UNtuli uthe uyayeseka iyoga ngoba iyithuluzi elisiza ekutheni abantu banyakazize umzimba okubenza baphile kahle baphinde bakwazi ukuphilisana.
"Ngiyafisa ukuthi isabalale kuso sonke isifundazwe, ingabukeki njengento yaseThekwini kuphela," kusho uNtuli.
Obeyiphini likaNgqongqoshe wezeMpilo kuleli, uDkt Sibongseni Dhlomo, uthe iYoga iyasiza ekutheni abantu bakwazi ukuxhumana nobubona futhi bakwazi ukuphilisana. Ngaphezu kwalokho, yenza ukuthi baphile kahle okusiza ngokuthi abantu bangaguli kakhulu baze badinge ukulaliswa ezibhedlela.
UMnuz Ishwar Ramlutchman Mabheka Zulu weSivananda World Peace Foundation, uthe kulo nyaka kuphela iminyaka eyishumi, inhlangano yezizwe i-United Nations yabeka usuku lokugujwa kweyoga emhlabeni.
"Iyoga iyasiza ekutheni abafundi bakwazi ukumela nezifundo bangabi nengcindezi novalo. Abantu abadala nabo ngeke sibashiye ngaphandle ngoba iyabasiza kakhulu, belule imisipha nokulwa nezifo ezingamahlalakhona. Iyoga ilungele wonke umuntu. Iyaziqhelisa izifo ezifana nengcindezi, izifo zenhliziyo nezinye," kusho uRamlutchman.
Uqhube wathi ibuye isize nabantu abasha ekutheni ibanikeze umfutho ongapheli ukuze bakwazi ukubhekana nezinselelo zabo ezifana nokufunda umsebenzi nokunye.
UNksz Thuli Mazibuko waseNanda ongomunye wabantu ebebehambele lo mgubho, uthe uyilungu lenhlangano iMandlela NPO egqugquzela ukuthi abantu balandele izinhlelo zoyoga ukuze baphile kahle.
"Ngiyijoyine kulo nyaka, bengingazi lutho ngayo. Selokhu ngiyijoyinile ngiyawubona umehluko. Sengiyakwazi ukulawula ukudinwa kangcono, sengizizwa ngilula," kusho uNksz Mazibuko.