Ziyashuba izinhlelo zabakuleli abangahambisani nokuthi uMiss SA osanda kuqokwa, uLalela Mswane, ukuthi ayomela elakuleli kuMiss Universe kwa-Israel.
Lo mcimbi ohlelwe ukuthi usingathwe ngoDesemba 12, kwa-Israel usuqubule omkhulu umsindo, izinhlangano eziningi emhlabeni ezilwela amalungelo abantu abagxeka leli lizwe ngokuba nobandlululo kubantu basePalestine.
Izolo, kuvele izindaba zokuthi kuzoba namamashi ahlukene kuleli okuqhubeka nokunxenxa inhlangano yakuleli, iThe Miss South Africa Organisation, ukuthi ingamhambisi uLalela kwa-Israel ukuyomela elakuleli emcimbini kaMiss Universe.
Lokhu kulandela ukudideka okube khona izolo kuphuma izitatimende ezimbili; esenhlangano elwela amalungelo abantu basePalestine nala iveza khona ukuthi iyakwemukela ukuzwa izindaba zokuthi uLalela Mswane onguMiss SA, angeke esaba yingxenye yalo mcimbi.
Kuthe kusenjalo inhlangano ehlela uMiss SA, yakhipha isitatimende ebesishayela isipikili sokuthi le ntokazi yaKwaSokhulu, izoya iyomela elakuleli kulo mcimbi ngoDisemba.
Abahlela umcimbi kaMiss SA bavumile ukuthi nabo basibonile isitatimende senhlangano elwela amalungelo abantu basePalestine esithi uLalela usehoxile, kodwa bathi lokho kungamampunge.
Bathe bona abangeni kwezepolitiki yamazwe ekhona emhlabeni mayelana nokusingathwa komcimbi kaMiss Universe ezweni lasePalestine.
UBram Hanekom weThe Human Right Organisation #Africa4Palestine, uthe baphoxekile ukuthi inhlangano kaMiss SA iqinisa ikhanda uma kuziwa kulolu daba.
"Kusasa (namhlanje) sizofaka isicelo sokuthi sibe nemashi kuleli elwa nokuthi le ntokazi iye emcimbini. Sifuna kube namamashi amancane kuqala bese siba nenkulu ngoNovemba 21, ezobe ikomkhulu lamahhovisi ahlela lo mcimbi.
“Asilwi noLalela njengoba yena simfanisa nomsebenzi kodwa abaphathi bakhe yibona okumele balungise lolu daba. Isithunzi salo mcimbi sizokonakala sisihle kangaka, uma nje beqhubeka nokungasilaleli," kusho uBram.
Uveze ukuthi baze bakhiphe isitatimende nje sokuthi le ntokazi ayisayi kulo mcimbi, yingoba bebezwe ngemithombo yabo ngaphakathi kuyona le nhlangano.
"Thina size sikhiphe isitatimende ingoba bese sinesiqiniseko sokuthi le ntokazi ayisayi, siyamangala ke uma futhi sesizwa izindaba eziqinisekisa ukuthi uLalela uzoya ukuyomela elakuleli," kuchaza yena.
Uthe abeMiss SA benza lokhu nje kabalazi ubandlululo oluhlasele abanye abantu kwa-Israel nokumele bakhonjiswe ukuthi akuhanjiswana nemikhuba eyenzeka khona.