UMA uzwa kuthiwa kunowesifazane obulewe yisoka noma ngumyeni, kwabaningi akuseyona into engajwayelekile kwazise ayipheli inyanga kungabanga khona imibiko efuze le. Yize iminingi imibiko yabesifazane ababulawa ngabasuke beshade nabo kodwa muva nje miningi kakhulu eyalabo ababulawa amasoka abasuke benezingane nawo noma abakipite nawo. Bonke basuke begajwe yisikhwele. Kusuke kube nezinsolo zokuthi owesifazane usuke eseqomile noma nje indoda isuke seyaliwa. Lobu bushimane abenziwa ngamadoda aseqinile ngokweminyaka kodwa kubhoke amabhobhodleyana kulo mkhuba onyanyisayo.
Isigameko sakamuva nje sokubulawa kowesifazane enxanxatheleni yezitolo eGetaway, yisoka okuvela ukuthi belingafuni ukwaliwa, ngesinye sezibonelo zalezi zindaba ezishiya ezincane izingane zingenabazali kwazise labo yise abasuke bebulele onina bajwayele ukubanjwa baboshwe bagwetshwe.
Esinye isigameko ngesowesifazane waseNanda oneminyaka ewu-21, owabulawa yisoka nalo eliselincane lidinwa wukuthi uhambe wangabuya emkipitweni wabo. Uma sekuphenyisiswa kwatholakala ukuthi empeleni lo wesifazane ubebalekele kwadadewabo ngoba esekhathele yisibhaxu salo myeni mbumbulu akipite naye.
UKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi, ukhale kakhulu ngezigameko zokubulawa kwabesifazane ngamasoka abo kulesi sifundazwe. Uze wakubeka obala nokuthi empeleni nje amadoda aKwaZulu-Natal yiwona enza ukuthi kube khona ubugebengu obuhambisana nokubulawa kwabantu jikelele.
Muva nje iNkantolo yeMantshi ePinetown isanda kugixabeza ngeminyaka engu-15 u-Africa Mdabe (31) ngokulahlwa yicala lokubulala intombi yakhe, uThandeka Thwala (26).
UMdabe waqongqotha umufi ngegalofu ekhanda washona ngemuva kwezinsuku esibhedlela. Isigameko senzeka ngoNovemba 8, 2019. Wayekade emsola ngokuthi uyajola.
INkantolo yeMantshi yaseLindelani isanda kugweba udilakajele uMxolisi Mvula (30) ngecala lokubulala intombi yakhe, uPhindile Mkhize (21).
UMvula kuthiwa washaya ngesiphongo odongweni umufi amahlandla ayisikhombisa waze washona. Isigameko senzeka eLindelani ngoDisemba 2022. Kuthiwa uMvula wayecabanga ukuthi umufi useqomile njengoba engazange alale endlini ngayizolo.
UKhetha Ntombela (36) wasoconga uNontobeko Dlomo (31), isidumbu wasithatha wasigqiba ethoyilethe. Isigameko senzeka eQabavu, eNsuze, ngonyaka odlule kodwa uNtombela waze wakhombisa amaphoyisa la agqiba khona umufi sekudlule unyaka.
NgoNovember 17 ngonyaka owedlule iNkantolo eNkulu yaseThekwini yagweba udilikajele uSfiso Professor Ndlovu (50) ngecala lokubulala ayethandana naye, uKhulukazi Ndlovu.
UNdlovu wayenengwa ukuthi lo wesifazane usethandana nomunye ayesebenza naye. UNdlovu kuthiwa wamthumba umufi wase emshisa nemoto. Isidumbu sikamufi satholakala sishe sangqongqa eMachobeni, eNanda.
USphelele Mabaso (41) waseMsinga wagwaza intombi yakhe, uHlomisile Mbatha (30), amanxeba ayisikhombisa, isidumbu sikamufi wayosilahla ehlathini. Naye wayegajwe yisikhwele.
Ezinyangeni ezedlule sibe yindaba egudwini isehlakalo sephoyisa ebelisebenzela uMasipala weTheku, uConstable Sizwe Ngema (osezikhindini), ayebonakala kwividiyo ebulala intombi yakhe, uBianca Khuzwayo.
Muva nje uMnuz Zimisele Dlulisa (29), ongumpheki, ukhalelwe ngamasongo kaSigonyela esolwa ngokubulala intombi yakhe, uMbali Mokokone (29). Isigameko senzeka eMawoti, eNanda. Kuthiwa wamphahlaza ngesitini, wamgwaza nasemqaleni. INkantolo yeMantshi yaseNtuzuma isanda kumnqabela ibheyili.
UMbhishobhi Thabani Khumalo, wenhlangano yamadoda iSukuma Ndoda Sakhe, ukholwa wukuthi konke lokhu kudalwa yidimoni lolaka emadodeni. Ukhomba ukungafundiseki ngempilo njengento eyinkinga edlulele eyenza nabesifazane bagcine beyizisulu ngale ndlela.
Ugxeke nomkhuba wokukipita odla lubi kulezi zinsuku, wathi kwenza amanye amadoda acabange ukuthi ngoba nakhu owesifazane usehlala naye, usefana nonkosikazi.
“Akugcini lapho, kunanamadoda athi uma esenengane noma enezingane nowesifazane acabange ukuthi sebefana nonkosikazi nendoda. Uma kuke kwathi nkente umuntu abone kufanele ajezise owesifazane ngokumbulala noma ngokumshaya kanzima.
Uthe maningi amadoda agcine esebulala amakhosikazi enengwa ukuthi asezibona engelutho emizini yayo ngoba kusebenza amakhosikazi wona engasasebenzi. Ukhulume nangodaba lokuthi amadoda kumele adodiswe, ahambele uchungechunge lwezigcawu zokubhungwa kwezinselelo abhekana nazo.
“Uma amadoda ehamba lezi zigcawu azokwazi ukuthi umama wengane akuchazi ukuthi usengowakho,’’ usho kanje.
UMnuz Sakhile Ngubane, oyiLife Coach, uthi amadoda amaningi adiniwe, anentukuthelo esuka kude.
“Ngiyazi ukuthi le yinto ehlale ikhulunywa kodwa ngiyayisho, lento yokuthi indoda yikhali iyazona izinto. Lokho kungakhali kwenza kugqibelane intukuthelo eyona izinto. Nokukwazi nje ukuthi uma owesifazane esethe ucu alusalingani, amadoda amaningi anokuzibuka wona acabange ukuthi lokho kusuke kuwaphuca ubudoda bawo. Kumele sifunde ukuthi uma umuntu esethi kuphelile, akuphele. Akukho akukweleta khona. Wayethe uyakuthanda manje akasakuthandi. Angithi thina siyabashiya abesifazane siqonywe ngabanye. Basale bekhala kodwa kudlule,” egcizelela.
Ungoti oweluleka ngezomphefumulo, uDkt Cynthia Hafejee, weluleka abesifazane ukuthi bangalubekezeleli ulaka emadodeni.
“Uma nixabene nesoka lakho, likushaye ngempama noma likwethuke lisho ukukuqeda, musa ukube usahlala kulobo budlelwane. Yizinkomba zokukhulu okuzayo lezo,” usho kanje.
Uthe abesifazane okumanje babulawe amasoka, konke kusuke kuqale ekuthukweni nasekushayweni.
“Kuwumkhuba ongalungile ukuxolela isoka eselike lakushaya....ngisho ngabe likusikaze ngetshe. Lelo litshe ngelinye ilanga liyosuka esandleni lize ngqo ekhanda lakho kuphele ngawe”.