UNGQONGQOSHE wezeziMali, uMnuz Enoch Godongwana, wethule isabelomali sonyaka u-2024. Yize kukhona okuhle okuvelayo okuzojabulisa abaningi njengokukhuphuka kwesondlo sezaguga nezingane, bazokhala ezimathonsi abaphuza iziphuzo ezishisayo njengoba ikhushuliwe intela yotshwala nogwayi.
Zimnandi zinoju izindaba zokunyuswa kwesabelomali sezaguga, esomakadebona, izibonelelo zokukhubazeka nese-care dependent ngoR100. Lesi samba sizohlukaniswa sibe wuR90 kusukela ngoMeyi, bese kuthi uR10 kusukela ngo-Okthoba;
Ukukhushulwa ngoR50 kwisibonelelo sezintandane; bese kuthi isibonelelo sezingane sona sizonyuswa ngoR20.
Mayelana nentela yemikhiqizo yotshwala, kuhlongozwa ukwenyuka kokwehla kwamandla emali ngaphezu kwamaphesenti angu-6.7 no-7.2 ngo-2024/25. Lokhu kusho:
Ithini likabhiya likhuphuka ngo-14c;
Ithini le-cider nesiphuzo sezithelo ezinotshwala likhuphuka ngamasenti angu-14;
Ibhodlela lewayini lizobiza amasenti angu-28;
Ibhodlela lewayini eliqinile lizobiza amasenti angu-47 engeziwe;
Ibhodlela lewayini elicwebezelayo lizobiza amasenti angu-89; futhi
Ibhodlela le-spirit, okuhlanganisa i-whiskey, i-gin noma i-vodka, likhuphuka ngoR5.53c.
Lo ngqongqoshe ubuye waveza iziphakamiso ezenziwe ngogwayo eziveza ukwenyusa kwentela kagwayi ngamaphesenti angu-4.7 kagwayi nogwayi, namaphesenti angu-8.2 kagwayi wamapayipi nogwayi. Lokhu kuhumushela ku:
Ukwenyuswa kwamasenti anguR9.51 kogwayi;
Amasenti awu-97 akhuphuka ephaketheni likagwayi; futhi
Amasenti awu-57 engeziwe epayipi likagwayi.
Thola Isolezwe kusasa ufunde kabanzi ngalesi sabelomali nezinye izinguquko ezizokwenziwa.