KUKHALWA ngemali echithwa nguhulumeni okhokhela abasebenzi abamisiwe asebehlale emakhaya iminyaka.
Lokhu kuvezwe nguSihlalo wePublic Service Commission, uDkt Somadoda Fikeni, okhale ngokuthi nohulumeni akasazi isibalo salaba basebenzi abamiselwe amacala ahlukene.
UFikeni uthe ezikhaleni zabamisiwe kunamabamba kwawona akhokhelwa imali ngokubamba kulezi zikhundla.
Uthe izibalo zabasebenzi abahleli emakhaya behola zihlawumbiselwa ku-300 kuya phezulu.
“Abanye babethi basuka ku-300 kuya ku-1 000 kodwa asinaso isiqinisekiso ngoba asinazo izibalo eziphathekayo. Ibalelwa kuR240 million imali esetshenziswa uhulumeni ukukhokhela la basebenzi. Kuyawuqeda umdlandla kubasebenzi abafaka uphethroli baye emsebenzini nsuku zonke ekubeni kunozakwabo abazihlalele emakhaya abaqhubeka nokuhola.”
Uthe kwabamisiwe kukhona asebeqhuba izifundo zabo, abanye bavula amabhizinisi kanti abanye baya kwamanye amazwe bazitamuzele le mali kahulumeni.
Ukusho lokhu emhlanganweni ohlanganisa osihlalo bePublic Service Commission, esifundeni iSADC obuseKapa.
UNgqongqoshe weziSebenzi zikaHulumeni nokuPhatha, Inkosi Mzamo Buthelezi, uthe kuqalwe uphenyo ukuze bathole isibalo sabahola besemakhaya.
UButhelezi uthe abanazo izibalo eziqondile zabahola besemakhaya.
UFikeni uthe wayephakamise ukuthi kube nosuku okuzoza ngalo bonke abamisiwe emisebenzini yabo.
“Sasithe akube nguNovemba nyakenye ukuze babalwe ukuthi bangaki. Namanje ngisamile ekutheni uma silubeka lolu suku singakwazi ukuba nesibalo esiqondile sabahola behleli emakhaya. Uma sifuna ukuba nohulumeni osebenza ngendlela, kumele siqale sazi ukuthi zithini izibalo zabasebenzi abahola bengenzanga lutho.”
Uthe bayajabula ukuthi uButhelezi uveze ukuthi uzobeseka njengoba befuna iPSC izimele.
Uveze ukuthi bafuna iPSC ifane nezinye izinhlaka ezifana nehhovisi loMvikeli woMphakathi nezinye ukuze ithathele abasebenzi izinyathelo ezinqala.
Ubalule ukuthi inhloso yalo mhlangano ngukuthekela ulwazi kwamanye amazwe akwiSADC ngezithinta abasebenzi bakahulumeni.
“Sifuna abantu bathole izidingo okuyinto abahlale bekhala ngayo kuhulumeni. Yingakho kumele siqinisekise ukuthi abasebenzi bakahulumeni basekhaleni lentuthuko,” kusho uFikeni.