IBUKEKA isekude ukuphela impi yezomthetho ephakathi kowayengumengameli, uMnuz Jacob Zuma, nomshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo nokukhwabanisa, u-Advocate Billy Downer, nentatheli yephepha lesiNgisi.
Lokhu kuza emva kokuthi uZuma eveze ukuthi uzosidlulisela phambili isinqumo senkantolo esichitha icala lapho ezishushisela mathupha uDowner nentatheli.
Izolo uZuma uphinde wahlangabezana nenye imbibizane yezomthetho emva kokuthi iNkantolo eNkulu eMgungundlovu ichithe icala lapho eshushisa uDowner ngezinsolo zokuthi waputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe.
Isicelo sokuthi kuchithwe icala safakwa nguDowner nentatheli emva kokuthi uZuma ebathumelele amasamanisi ababizela enkantolo.
Amajaji amathathu abelalele isicelo alichithile icala, aphinde akhipha isivimbelo esinqanda uZuma ukuthi ashushise laba ababili.
Lesi sinqumo senkantolo siza nje uZuma usalindele isinqumo salolu hlobo ecaleni lapho ezishushisela khona uMengameli Cyril Ramaphosa.
INkantolo eNkulu eGoli kulindeleke ukuthi ikhiphe isinqumo ngoba noRamaphosa ufuna lichithwe icala lapho uZuma emshushisa khona ngoba emsola ngokuthi akazange athathe izinyathelo ezifanele ngesikhathi embikela ngokuphulwa komthetho athi kwenziwe nguDowner nentatheli.
Okhulumela inhlangano kaZuma engenzi nzuzo, iJacob G Zuma Foundation, uMnuz Mzwanele Manyi, uveze ukuthi uZuma uzosiphonsela inselelo isinqumo sayizolo.
“Lapha sibone ukuphendukezelwa komthetho. Umthetho olawula iNPA (National Prosecuting Authority) ukusho kahle ukuthi akekho umuntu onelungelo lokuputshuza ulwazi olusuke lunikwe iNPA. Lapha sabona ulwazi olwalunikwe iNPA luputshuzwa.
“Lolu lwazi lwaputshuzwa ngo-Agasti 9, kuyiholidi. Ngalelo langa inkantolo yayivaliwe kodwa kukhona umuntu kwiNPA owaputshuza lolu lwazi. Yingakho uZuma ezosidlulisela phambili lesi sinqumo.”
Ukuqhubeka komdonsiswano wezomthetho phakathi kukaZuma noDowner kungase kuqhubeke nokubambezela icala likaZuma lenkohlakalo nokukhwabanisa.