OBENGUMENGAMELI wakuleli uMnuz Jacob Zuma, ufuna iphelele eNkantolo yoMthethosisekelo impi yezomthetho ephakathi kwakhe noMengameli wezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa.
NgoLwesibili uZuma ufake amaphepha eNkantolo yoMthethosisekelo lapho enxusa inkantolo ukuba ichithe isivimbelo seNkantolo eNkulu eGoli esimnqanda ukuthi azishushisele mathupha uRamaphosa.
Abameli bakaZuma bafuna ukuthi udaba luyeqe iNkantolo yamaCala aDlulisiwe, luqonde ngqo eNkantolo yoMthethosisekelo.
Batholene phezulu uZuma noRamaphosa empini yezomthetho eqale ngonyaka odlule, ngesikhathi uZuma ethumelela uRamaphosa amasamanisi ambizela enkantolo.
UZuma ufuna ukuzishushisela mathupha uRamaphosa njengengxenye yecala lapho ezishushisela mathupha umshushisi omkhulu ecaleni lakhe lenkohlakalo u-Advocate Billy Downer, nentatheli yeziko lezindaba elibika ngesingisi.
Kuleli cala uZuma usola uDowner ngokuputshuzela intatheli ulwazi oluyimfihlo ngempilo yakhe, asole uRamaphosa ngokuba yingxenye yokwephulwa komthetho ngoba uthi akazange athathe zinyathelo ngesikhathi embikela ngokwephulwa komthetho.
Umzuliswano wokuqala wempi wanqotshwa uRamaphosa, njengoba inkantolo yakhipha isivimbelo esinqanda uZuma ukuthi aqhubeke nokumshushisa kuze kuba kulalelwa isicelo lapho uRamaphosa efuna ukuthi kuchithwe icala alivulelwe nguZuma.
Isicelo sikaRamaphosa sizolalelwa ngoMeyi.
Emaphepheni awafake eNkantolo yoMthethosisekelo, uZuma ufuna kuchithwe isivimbelo esimnqanda ukuthi azishushisele uRamaphosa. UZuma uthe iNkantolo eNkulu eGoli, yenza iphutha ngesikhathi ikhipha isivimbelo.
Uthe inkantolo yathembela esitatimendeni sabezindaba esakhishwa yinhlangano yezokushushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA), wathi sasichemile futhi singamanga.
Isitatimende sathi uZuma akakwazi ukuzishushisela mathupha uRamaphosa esebenzisa isitifiketi asinikwayo ngoba asinalo igama likaRamaphosa.
“Lawa amanga aluhlaza. Isitifiketi siyasho ukuthi ngingakwazi ukuzishushisela ngaso noma ngubani othintekayo ecaleni. Igama likaRamaphosa likhona emaphepheni afungelwe engawasebenzisa ukuvula icala esiteshini samaphoyisa eMgungundlovu.”
UZuma ufaka amaphepha nje, noRamaphosa usanda kufaka amaphepha esicelweni sakhe esizolalelwa ngoMeyi. Uthe inkantolo kufanele lichithwe icala elifakwe nguRamaphosa njengoba ethe linenhlese yezepolitiki.
Icala lafakwa ngaphambi kokuqala kwengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC eyayingoDisemba.
I-ANC inomthetho ovimbela abaholi bayo ababhekene namacala ukuthi bangenele umbango wezikhundla ngaphakathi kwi-ANC.
URamaphosa uthe inhloso yokuvulwa kwecala kwakungukuthi avinjwe ukuthi angenele umbango wezikhundla engqungqutheleni yangonyaka owedlule.