INKINGA yabantu abamisa imisebenzi uma kwakhiwa izikhungo zikahulumeni, iyefana notwayi othi uyalwenwaya luvumbuke lusabalale kakhulu esikhumbeni.
Kuvela ukuthi kukhona iqeqebana lamadoda asembonini yezokwakha, afuna ukuthola imisebenzi ngodli. Kuthiwa uma ebona kwakhiwa isikhungo sikahulumeni aqonda khona nezibhamu afike asabise abasebenzayo.
Kuthiwa afike alibeke ngembaba elokuthi afuna ingxenye ka-30% walowo msebenzi uze kuwona.
La madoda indlela asuke ehlome futhi nanodlame ngayo kuba nzima kakhulu ukubhekana nawo. Izikhungo eziningi zikahulumeni ezisuke zakhiwa ziyama noma umsebenzi ugcine usalele emuva ngenxa yalaba bantu.
Kwezinye izindawo okwakhiwa kuzona kugcina kuqashwa abaqaphi abagada ubusuku nemini ngezibhamu ezinkulu ukuzama ukuvikela labo abasuke besebenza.
Kuke kwaba khona imizamo yokubavimba ngezinyathelo zomthetho kuphume izincwadi zezinkantolo kodwa kubukeka kunhlanga zimuka nomoya. Badlonge kakhulu kamuva nje ngoba uzwa ngisho izikhulu zikahulumeni zikhala ngabo.
UNgqongqoshe wezeMisebenzi yoMphakathi neNgqalasizinda, uMnuz Sihle Zikalala, uhola umkhankaso wokulwa nalo mkhuba.
UZikalala uke waba wuNdunankulu KwaZulu-Natal ngaphambi kokukhuphukela kuhulumeni omkhulu.
Le nkinga ike yabhoka esekhona lapha esifundazweni, uyazi kahle. Ngokwendlela yokusebenza kukahulumeni, uma kukhona umsebenzi ozokwenziwa kuyakhangiswa ithenda kufakwe izicelo, kubangwe kubhidwe bese kuqokwa leyo nkampani ebukeka ikulungele ukwenza umsebenzi.
Okunye okufike kudalele uhulumeni ingcindezi manje wukuthi isingenwe amaqembu aphikisayo abeka imibono yawo ngalo ludaba. Amaqembu agxeka uhulumeni abona sengathi uyabatotosa laba bantu abenza lokhu esikhundleni sokuqinisa isandla kubona.
Kumanje kunenkulumo mpkiswano ngokuthi ngabe uhulumeni kufanele yini axoxisane nabo noma kufanele babhekane nengalo yomthetho.
Ngesikhathi uMnuz Jacob Zuma esaphethe izintambo zombuso engumengameli, wamemezela ukuthi kufanele uma kunemisebenzi yokwakha, osomabhizinisi abamnyama bathole isabelo sika-30%.
Lokhu uZuma wathi kuhloswe ngakho ukuqinisekisa ukuthi osomabhizinisi abamnyama endaweni okusuke kwakhiwa kuyona bayahlomula.
Kungenzeka ukuthi laba abamisa imisebenzi babambe elentulo kwelokuthi kufanele bathole ingxenye yabo ababethenjsiwe yona wuZuma.
UZikalala uke wavakashela iNkantolo eNkulu eThekwini lapho kuqhubeka khona umsebenzi wokuyilungisa nokuyithuthukisa kabusha.
Ukhale ngokubambezeleka komsebenzi nokuyilapho edalule khona ukuthi umsebenzi uke wamiswa yilabo abaphazamisa imisebenzi befuna ingxenye.
“Siwumnyango senza konke okusemandleni ukuthi izwe lethu libe elihamba phambili kwezokwakha. Sivakasehle umsebenzi wokwakhiwa kwenkantolo yaseThekwini, kumanje ungu-45% osewenziwe kodwa sibe nenkinga yalabo abasembonini yokwakha abamisa imisebenzi. Siyajabula ukuthi amaphoyisa aselufakele izibuko lolu daba,’’ kusho uZikalala.
UZikalala uthe laba abaphazamisa umsebenzi yizigebengu nje ezikhuthuza osomabhizinisi imali yabo futhi ngeke bakuvume ukuthi izwe liphenduke kwampunzedlemini nje ngoba libuswa ngomthetho.
Uthe bayavuma ukuthi uma inkampani ithole umsebenzi ofika emalini enguR30 million, kufanele ikwazi ukuhlephulelana nezinkampani ezincane nazo zithole umsebenzi.
UZikalala uthe lokhu kodwa kufanele kwenziwe kulandelwe umthetho. Uthe kufanele kwenziwe konke okusemandleni ukuthi uhulumeni uyayeseka imisebenzi esuke iqhubeka ukuze kuqinisekiswe ukuthi ihamba kahle futhi iphela ngesikhathi ngaphandle kokuphazanyiswa.
Kwesinye isithangami uZikalala abekhuluma kusona uthe kunamacala aphenywa amaphoyisa amanye asezinkantolo emuva kokuboshwa kwabathintekayo.
Uthe amacala avuliwe ahambisana nokufunwa kwemali ngodli kulabo abasuke bethole imisebenzi.
Kusanda kusuka umsindo emuva kokuthi uNgqongqoshe wezokuHlaliswa koMphakathi neMisebenzi yoMphakathi uMnuz Sipho ‘KK’ Nkosi ecashunwe ethi kufanele bahlale phansi baxoxe nabamisa imisebenzi kutholakale isixazululo.
Kususe umsindo lokhu kwezwakala sengathi uNkosi uzama ukubatotosa abancenge abamisa imisebenzi.
Amaqembu aphikisayo avutha engabaselwe ngalo ludaba athi uhulumeni uyehluleka wukubhekana nalo ludaba.
I-DA KwaZulu-Natal ithi uhulumeni angalinge axoxisane nalaba abamisa imisebenzi kodwa akudedelwe umthetho udlale indima yawo.
Ezingeni likazwelonke i-DA ithi icebo likaZikalala lokusungula ithimba elizobhekana nodaba lihle kodwa seluthathe isikhathi.
Iqhubeke ngokuthi ibhalele iNhloko yoKlebe uLieutenant General Godfrey Lebeya, imcela ukuthi lo ludaba kufanele luthathwe njengobugebengu obuseqhulwini okufanele buphenywe.
USihlalo we-ActionSA KwaZulu-Natal uMnuz Zwakele Mncwango naye uthe kuyaxaka ukuthi uhulumeni esifundazweni ukhuluma indaba yokuxoxisana nabamisa imisebenzi esikhundleni sokubhekana nabo ngengalo yomthetho.
Ukuxaka kwalolu daba kuphinde kwagqama enkulumweni kaMengameli uCyril Ramaphosa ethi ngeke babekezelelwe labo abamisa imisebenzi nalabo abamba ezimayini ngokungemthetho asebebizwa ngozama zama. Kuyacaca ukuthi kufanele kube khona iqhinga okuqhanyukwa nalo lokulungisa lolu daba ngoba luxakile impela.
Imboni yezokwakha ibamba iqhaza elikhulu emnothweni ngoba iqasha abantu abasuke bezoqeqeshela umsebenzi befunda, iqasha abantu nje jikelele abafuna umsebenzi.