AKHALA ngokugqemeka engeqiwa ntwala amalungu omphakathi wasoLundi, kungqongqiswa izitolo zabokufika basePakistan, ngesonto eledlule.
Lesi sigameko esishiye amalungu omphakathi ebambe ongezansi, senzeke elokishini elikule ndawo ngoLwesine, kushiswa izitolo zabokufika eziyisithupha, kanti amaphoyisa aqinisekise ukuthi kuboshwe abasolwa abayisishiyagalombili abavele eNkantolo yeMantshi yaseMahlabathini, ngoLwesihlanu, ngamacala okucekelwa phansi kwempahla.
UNkk DS Ntombela oyilungu lomphakathi, uthe ubethembele esitolo esiseduze kwakwakhe ukuthenga ukudla futhi uma engenayo imali ubekweleta kuso, ekhokha uma esehole impesheni.
“Kungiphethe kabuhlungu ukushiswa kwalesi sitolo. Kumanje nje ngisangene ngoba akukho muntu esengizokweleta kuyena. Uma ngizohola impesheni ngiyakhokha nanoma imalini yento engiyithathile, ngiyakhokha, ngiphila kuso. Abenze lokhu lokhu uNkulunkulu ababonelele,” usho kanje.
Uthe ngaphambi kwalesi sigameko, kuqale ngokuthi umnikazi wesitolo avalelwe ugesi, okungaziwa ukuthi kwenziwe ngubani. Uveze ukuthi umphakathi uzamile ukulekelela ngesikhathi isitolo sigqamuka amalangabi, kodwa kwanhlanga zimuka nomoya, emva kokuthi iqulu labafana lisibhunyele ngophethroli ngaphambi kokuthi libaleke.
Omunye wabanikazi bezitolo ezishisiwe, uMnuz Abraham Bobich ekhuluma nabezindaba emva kwalesi sigameko, uthe kuqhamuke abalisa abebehamba ngemoto emhlophe, babhunyela isitolo sakhe ngophethroli, balayitha ngaphambi kokuthi babaleke.
"Abashongo lutho, bavele bokhela izitolo ngomlilo. "Siyabonga ukuthi kukhona asebeboshiwe, kodwa siyesaba. Asazi noma bakhona yini abanye abebesebenzisana nabo abangakaboshwa. Abantu bayasikhalela, bathi asivule izitolo, kodwa sinovalo," usho kanje
UMasipala waseLundi ukhiphe isitatimende ugxeka lesi senzo.
“Umasipala usubikele abomthetho ukuthi baphenye. Sicela bonke abanikazi bamabhizinisi ukuthi bahlale beqaphile, basebenzisane namaphoyisa ukugcina umthetho, nokuhleleka,” kubhalwe esitatimendeni.
Abasolwa kuthiwa baboshwe ngalo uLwesine, kusaphele amahora ambalwa kwenzeke lesi sigameko
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe abasolwa ababoshiwe kukholakala ukuthi bayathinteka emacaleni okucekelwa phansi kwempahla.