ZIZOBA noKhisimusi omuhle izaguga zaseMatigulu eziphiwe izipho yinkampani kashukela, iTongaat Hulett.
Kuleli sonto iTongaat-Hulett ibinomcimbi obizwa ngeMadala Day lapho izaguga eziwu-100, ezineminyaka esuka kwewu-70 kuya phezulu, eMatigulu zijatshuliswa yile nkampani.
Isikhulu sendawo yokugaya ushukela iMatigulu Mill, uMnuz Mfundo Sithole, sithe inhlalakahle yomphakathi abasebenzela kuwo ibalulekile yingakho besebenzisana nemikhandlu yamakhosi ukuthola izaguga abangazijabulisa minyaka yonke.
“Ngaphandle kokukhiqiza ushukela, iTongaat-Hulett iyakwazisa kakhulu ukuthi kumele ibe nobudlelwano obuhle nemiphakathi eyakhele izigayo zayo. Yingaleso sizathu sibone kuyinto enhle ukuthi senze usuku lapho sibungaza khona abantu abadala,” kusho uSithole.
Izaguga ebezibungazwa nezithole izipho ziqhamuka kule mikhandlu yamakhosi elandelayo: Macambini, Khoza, Sikhonyane nakwaNzuza.
Uthe banezinhlelo zokuxhumana nomphakathi ukuze ulekelelwe ngezinsiza ezihlukene okubalwa umfaniswano wesikole, intuthuko yomphakathi okubalwa ukulungiswa kwezikole, ukuqeqeshwa kwabantu abasha ngamakhono ahlukene nokuqeqeshwa kwemifelandawonye.
Iphawula ngosuku lweMadala Day, induna yendawo, uMnuz Dobha Gumede, ibonge iTongaat-Hulett ngokuletha injabulo ezagugeni nokubuyisa isithunzi sazo. Ithe bayohlala belukhumbula lolu suku.
I-Tongaat-Hulett ithe iyakugqugquzela ukusebenza ngokubambisana phakathi kwemiphakathi nezinkampani ezizimele ikakhulu ngezikhathi zobunzima. Iphethe ngokuthi izibophezele ukumela nokulekelela labo abantulayo ezindaweni esebenza kuzo.