UMNYANGO wezeMfundo KwaZulu-Natal, unxusa abafundi abafuna ukuchibiyela u-matric, ukuthi babhalise njengoba sekubalwa izinsuku ngaphambi kokuba kuvalwe.
Umnyango uthe abafuna ukubhalisela ukuchibiyela kumele baye emahhovisi ezifunda abahlala kuzona.
Okhulumela umnyango uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe abafuna ukuchibiyela sebesalelwe yileli sonto kuphela ukuthi babhalise ngoba kuvalwa ngoFebhuwari 20.
UMlotshwa uthe ngeke selulwe isikhathi sokubhalisa uma sekuvaliwe ngoMsombuluko.
“Sinxusa abafundi ukuthi babhalise ukuze bakwazi ukuchibiyela u-matric wabo. Labo abazochibiyela bazobhala ngoMeyi/Juni kulo nyaka,” kuchaza uMlotshwa.
Kuzokhumbuleka ukuthi phambilini abafundi ababechibiyela babethola ithuba lokuthi babhale ngoFebhuwari. Kodwa ngenxa yokushintsha kwezinto umnyango wanquma ukuthi babhale ngoMeyi/Juni ngonyaka olandelayo.
UMlotshwa uthe akubona kuphela abangenzanga kahle ku-matric nyakenye abazobhala kodwa nababhala u-matric omdala bazokwazi ukuthola ithuba lokubhala.
“Labo ababhala iSenior Certificate bazokwazi ukubhala. Abanye abazokwazi ukubhala abaneminyaka engu-21 kuya phezulu abaphasa i-AET Level 4,” kusho uMlotshwa.
Uthe abashiya isikole abaphakathi kuka-18 kuya ku-21, kumele bathole imvume kuthishanhloko noma enhlokweni yomnyango wezemfundo ukuthi bangabhala, ukuze bakwazi ukuchibiyela.
Abanye abazokwazi ukubhala ababegula ngesikhathi kubhalwa u-matric nyakenye. Laba kudingeka balethe incwadi eshoyo ukuthi ngelanga lokubhala babegula.
UMlotshwa unxusa nalabo abafuna ukubhala ngo-Okthoba/Novemba, ukuthi babhalise ngoba kuyavalwa ngenyanga ezayo.
“Ukubhalisa kwalabo abazobhala ngoNovemba izivivinyo zika-matric, besebenzisa uhlelo lweSecond Chance, kuzovalwa ngoMashi 15, 2023.”
Uthe bangabhalisa ku:www.eservices.gov.za.