BONISWA MOHALE
K UQOPHEKE umlando inkampani yaseNingizimu Afrika ithola ithenda ka- R1.4 billion yokwakha imikhumbi emincane esiza ukungenisa emikhulu echwebeni laseThekwini.
Izolo iSouthern African Shipyards ephethwe yinjinga kasomabhizinisi waseThekwini uMnuz Don Mkhwanazi ithe izodala amathuba omsebenzi angu-3 000 ngokwakha imikhumbi emincane eyisishiyagalolunye ezosebenza echwebeni laseThekwini.
Kungokokuqala ngqa inkampani ephethwe ngabamnyama yaseNingizimu Afrika ithola umsebenzi wokwakha imikhumbi ezosebenza echwebeni lakwa-Transnet kwazise eminingi yakhiwa eYurophu naseKorea.
UMkhwanazi uthe bayajabula ngokwethenjwa ukuba benze umsebenzi omkhulu kangaka futhi bazokwenza isiqiniseko sokuthi yonke imikhumbi abayakhayo ifika ngesikhathi futhi isezingeni lomhlaba.
Uthe yize bekungelula ukuthola inkontileka yokwakha imikhumbi kodwa bayajabula ukuthi iTransnet yenze isiqiniseko sokuthi kwakhiwa eNingizimu Afrika.
“Imikhumbi esiyakhayo inobuchwepheshe besimanje futhi siyajabula ukuthi uhulumeni uyabona ukuthi umkhakha wokwakha imikhumbi ukwezokwazi ukudala inqwaba yamathuba omsebenzi. Umsebenzi owodwa ukwazi ukudala amanye amathuba ayisithupha ngoba kuningi okwenziwayo uma kwakhiwa imikhumbi. Siyajabula nokuthi izinsimbi esizakhayo nabantu esisebenzisana nabo kumele kube ngabakuleli,” kusho uMkhwanazi.
Isikhulu esiphezulu seSouthern African Ship Yards, uMnuz Prasheen Maharaj, sithe baqashe abantu abangu-600 kanti amathuba angu-3 000 emisebenzi ezodaleka izodalwa wukuthi miningi eminye imisebenzi eyenziwayo uma kwakhiwa imikhumbi.
Umkhumbi wokuqala onegama lesikhulu esiphezulu sakwa-Transnet National Port Authority uMnuz Tau Morwe obizwa nge-T 3013 uzobe usuphelile ezinyangeni ezimbili kuya kwezintathu kanti uhlelo lokwakha imikhumbi luzosiza ukuthuthukisa amakhono abasebenzi.
“Asisebenzi sodwa siyiSouthern African Shipyards kodwa sisebenza nezinye izinkampani ezizothuthukisa amakhono abasebenzi. Kufanele wonke umsebenzi wenziwe eNingizimu Afrika kubhekelelwe nabesifazane. Sizoqhubeka sibheke neminye imisebenzi njengoba sizofaka amathenda okwakha imikhumbi,” kusho uMaharaj.
Isikhulu esiphezulu sakwa-Transnet National Port Authority uMnuz Tau Morwe sichaze i-Southern African Shipyards njengenkampani ezothuthukisa imboni yezasolwandle nomnotho waseNingizimu Afrika ifeze iphupho akade benalo.
Uthe bekunzima ngesikhathi bexoxa ngethenda ngoba kuningi obekudingeka kwiSouthern African Shipyards ukuze ikhombise ukuthi izokwazi ukuwenza kahle lo msebenzi.
“Ngaphandle kokudala amathuba okwakhiwa kwemikhumbi kuzophinde kudalele amathuba abantu abazosebenza kuyona uma seyakhiwe, o-tug master neminye. Kubalulekile ukufaka imali kule mboni ngoba uma sebakhele thina ama-tug sizokwazi ukubangenisa nakwamanye amachweba anezingqinamba. Amanye amazwe engingabala kuwona i-Korea anengqalasizinda yesimanjemanje thina siseneyeminyaka engu-25 edlule. Siyazama ukuthuthuka futhi uma sithuthuka nezimboni esisebenza nazo lokho kuhle emnothweni,” kusho uMorwe.