UNDUNANKULU waKwaZulu-Natal usenxuse amaphoyisa ukuthi aguduze sonke isifundazwe efuna abasolwa ngokubulawa kwabantu abangu-11 ezehlakalweni ezimbili ezenzeke ngempelasonto.
UNdunankulu, uNkk Nomusa Dube-Ncube, usho kanje emuva kwezigameko ezimbili okubulawe kuzo abantu abaningi ngesikhathi esisodwa esifundazweni. NgoMgqibelo emini, eNdwedwe Mission kubulawe abahlanu abebehleli esitolo.
Kuthiwa kuqhamuke imoto engaziwa yavulela ngenhlamvu kubhekiswe kubo. Kwenzeke lesi sigameko nje, bekusabatshazwa ukubulawa kwabayisithupha eClermont, ngasePinetown, ngoLwesihlanu ebusuku okuthiwa bahlaselwe beyisikhombisa behleli endlini kwashona abayisithupha kwalimala oyedwa.
Omunye umndeni olahlekelwe yilungu lawo esigamekweni saseNdwedwe uveze ukuthi usathukile.
Isolezwe lithole ukuthi abathathu kwabashonile ngabozalo olulodwa lwakwaNgcobo, owesine owakwaGumede, kuthi owokugcina kube owakwaMthethwa.
Ilungu lomndeni kaMnuz Nkosikhona Victor Ngcobo (21) ongomunye wababulewe, uNksz Nozipho Ngcobo, lithe basathuthumela ngoba bayaqala ukubona isigameko salolu hlobo endaweni.
UNksz Ngcobo uthe bekuyizithuba zasemini, bezihlalele ekhaya, ngesikhathi bezwa kuqhuma isibhamu amahlandla amaningi.
“Kuthe ngokuqhubeka kwesikhathi, sathola izingcingo ezisibizela esitolo sakwaZikode, kuthiwa sekwenzeke umonakalo,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe bafike bebane abese beshonile, okukhona kubo noNkosikhona.
“Owesihlanu uphuthunyiswe emtholampilo wendawo kodwa wafike washonela khona,” kusho uNksz Ngcobo.
Uthe bafike bathola ukuthi abafi bahlaselwe ngabantu abathathu ebebehamba ngemoto eyiveni.Uthe bayabufuna ubulungiswa ngesigameko.
“Ukubulawa komuntu akusiyo into encane,” kubalisa uNksz Ngcobo.Kwenzeka lesi sigameko nje, ngoLwesihlanu kubulawe abayisithupha emijondolo yaseClermont.Ikhansela lendawo, uNkk Mirriam NzimandeMadlala lithe bayile endaweni yesigameko bafike bathola ukuthi abafi abokudabuka eMbizana, e-Eastern Cape.
Egxeka lezi zigameko uNkk Dube-Ncube uthe njengoba kubhekwe emaholidini kaKhisimusi, amaphoyisa aseyalelwe ukuthi aqaphele zonke izindawo ezidume ngobugebengu. Uthe kulezi zindawo kuzotshalwa amaphoyisa athe xaxa ukuze kuqinisekiswe ukuthi abantu baphephile.
Udlulise amazwi enduduzo emindenini elahlekelwe yizihlobo zayo.
UNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi KwaZuluNatal, uMnuz Sipho Hlomuka, naye uzigxekile izigameko, wathi kujutshwe uphiko lwamaphoyisa aphenya ubugebengu obuhleliwe esifundazweni ukuthi aphenye zombili izigameko.
Ukhale ngezibhamu eziyinqwaba athe zisezandleni zabantu abangafanele esifundazweni.
“Iyona nkinga enkulu esibhekene nayo njengoba silwa impi yobugebengu kodwa uhulumeni uzibophezele ekutheni alwe nabo, futhi siyakholwa ukuthi izinhlaka zamaphoyisa ziwulungele lo msebenzi ezibhekene nawo,” kusho uHlomuka.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uBrigadier Jay Naicker uziqinisekisile zombili izigameko.
Uthe uKhomishana wamaPhoyisa eKZN uLt General Nhlanhla Mkhwanazi useyalele ukuthi ithimba labaphenyi elisophikweni oluphenya amacala obugebengu obuhleliwe liphenye ngalezi zigameko.
UMkhwanazi uthe kukhona umkhondo abawulandelayo futhi banethemba lokuthi ithimba labaphenyi lizokwazi ukubopha abathintekayo.
Amaphoyisa acela amalungu omphakathi angaba nolwazi ngalezi zigameko ukuthi awalume indlebe ku-08600 10111 noma asebenzise iMYSAPS APP ukubika.