BAFUNA kwakhiwe isiteshi esikhulu esizoba nazo zonke izinsiza abantu baseMariannhill, emuva kokuthi uMasipala weTheku, umemezele ukuthi usukhiphe umhlaba okuzokwakhiwa kuwo isiteshi samaphoyisa.
Okwamanje iMariannhill, inesiteshi samaphoyisa esingumahamba nendlwana, esinamaveni amabili yize sisebenza amawadi angaphezu kwayisishiyagalombili.
IMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, idlulisele umhlaba eMnyangweni wemiSebenzi kaHulumeni, ukuze kwakhiwe isiteshi samaphoyisa.
UKaunda uthe umasipala wenza lokhu ngenhloso yokulwa nobugebengu nokuthi umphakathi ubone ukuthi usuke ungadlali uma uthi ukulwa nobugebengu kuseqhulwini lwezinto ezenziwa nguhulumeni.
UMphathi wesiteshi eMariannhill, uColonel Muzi Thwala, uncome amakhansela namanye amalungu omphakathi ngezinhlelo zawo zokulwa nobugebengu. Uthe isiteshi esisha sizosiza ekutheni amaphoyisa asebenze kahle futhi asheshe atholakale emphakathini awusizayo.
Ikhansela lendawo uMnuz Bouy Cloete, lithe uMkhandlu weTheku udlulisele umhlaba obiza ngaphezu kukaR17 million, emnyangweni ozokwakha isiteshi samaphoyisa.
Wengeza ngokuthi uNgqongqoshe wamaPhoyisa uMnuz Bheki Cele, wathi unayo imali yokwakha isiteshi samaphoyisa, into ayidingayo wumhlaba.
“Sifuna kwakhiwe isiteshi esikhulu esizophathwa nguBrigadier ngoba lokho kuzokwandisa izinsiza.
“Lesi esikhona sisezingeni likaColonel, sinamaveni amabili namaphoyisa amancane. Esikhulu sizoba namaveni amaningi nesibalo esikhulu samaphoyisa,” kusho uCloete.
Uthe njengamanje isiteshi esiseMariannhill sincane, sinamaphoyisa amancane kodwa ubugebengu okufanele silwe nabo bukhulu. Ubalule ukuthi kubulawa abantu, kunamacala odlame lomndeni nobunye ubugebengu okuthi uma kuphume amaveni amabili bese amaphoyisa engakwazi ukuyoxazulula kwezinye izindawo.
UCloete, uqhube wathi ufisa nokuthi kushintshwe amaphoyisa akhona njengamanje ayiswe kwezinye iziteshi kufike amasha ngoba umphakathi ubuye ukhale ngokuthi amaphoyisa kawasheshi ukusukuma azobopha izigebengu. Uveze ukuthi mhlawumbe lokhu kwenziwa wukushoda kwezinsiza zokusebenza noma kunezinye izingqinamba.
Ikhansela laku-ward 14, uMnuz Mthokozisi Gasa, lithe bafuna isiteshi esikhulu esizonikwa izinsiza zokusebenza eziningi.
UGasa uthe kuyajabulisa kakhulu ukuthi sekuzokwakhiwa isiteshi ngoba esikhona singumahamba nendlwana futhi kasikho esimeni esikahle.