ABAHOLI bomphakathi eMlaza, bathi isigwebo sodilikajele esigixabezwe owesilisa osemncane ngamacala okudlwengula ephindelela umshana wakhe, sibuyisa ithemba njengoba izinhlaka zomphakathi ziphezu kombhidlango wokulwa nobugebengu obudla lubi emphakathini.
NgoLwesihlanu, iNkantolo yeMantshi yaseMlaza igwebe umdlwenguli oneminyaka engu-27, (igama lakhe eligodliwe ukuvikela umgilwa ngoba behlobene) obebhekene necala lokudlwengula ephindelela umshana wakhe owayeneminyaka ewu-13 ezigamekweni ezimbili okuthiwa senzeka ngo-2021 nangonyaka olandelayo (2022).
Ngesikhathi unina wengane engumgilwa ethola ukuthi ayiyanga esikoleni ngoSepthemba 5, nyakenye, wayedinwe egane unwabu. Uthe uma unina ephuma eyomfuna wathola ukuthi ingane ivalelwe emjondolo kamalume wengane, ongumfowabo, wathuka kwaphela nasozwanini, wayobika udaba emaphoyiseni
Amaphoyisa ophenyweni lawo, athola ukuthi wayengaqali ukuvalela umshana wakhe ejondolo okhona ekhaya egcekeni, ngoba uphenyo lwathola ukuthi kukabili evalela le ntombazanyana, ngesikhathi unina ezitshela ukuthi isesikoleni, ayidlwengule, eyivale umlomo.
Enkantolo, uMbuso ukhombise ngaphandle kokungabaza, ebufakazini obuqoqwe ngamaphoyisa ukuthi umsolwa wadlengula le ntombazane ephindelela.
Amakhansela asendaweni ashayele ingalo yomthetho ihlombe ngesigwebo, athi siyilokhu abafuna kwenzeke kuzozonke izigila mkhuba, ikakhulukazi abadlwenguli.
Ikhansela lakuWard 79, uMnuz Khumbulani Cele, lithe liyafisa ukuthi kube yisifundo nakwabanye abenza izinto ezinje abangakabanjwa.
"Bonke abenza izinto eziwubulwane izinsuku zabo zibaliwe. Uphiko lwamaphoyisa oluphenya izigameko zokuhlukunyezwa kwabesifazane nezingane, i-FCS, silufisela inqubeko phambili. Ubesemncane ngokweminyaka bekulindeleke ukuthi angaba nekusasa elingcono kodwa ubesekhulile ngokwanele ukwazi ukuthi akwenzile enganeni akulungile futhi kuyisihluku esiyohlala siyisilonda enganeni kadadewabo obekumele ayivikele ngempilo yakhe.
“Siyaseseka kakhulu lesi sinqumo esikhishwe yinkantolo sokumgweba odilikajele ababili. Uvele akanalo ilungelo lokuba yingxenye yomphakathi emva kwesenzo asenzile futhi sikhombisa ubulwane obukhulu njengomalume ubelindeleke ukuvikela ingane," kusho uMnuz Cele.
Uthe izindlela zokugwema ubugebengu balolu hlobo nobunye ukuthi baqinise umsebenzi wama-Community Police Forum(CPF) wokuqhapha ubugebengu emphakathini nokusenenzisana namaphoyisa endawo.
Uthe kuningi abakwenzayo bewumphakathi namalungu eCPF.
"Njengoba sesingena esikhathini sobusika, sengeze amanye amalungu omphakathi asebenzisana namaphoyisa ekugadeni abasebenzi abahamba kusamnyama babuye kusamnyama.
“Sike siwabone lawo ma-CPF efaka okukhanyayo okukhombisayo ukuthi kuleyo ndawo kusuke kugadiwe kuyona nawusizo kakhulu ngoba siyabona ukuthi isimo asisafani, ubugebengu buyehla kulezo zindawo, mhlawumbe izigebengu ziye lapho esisuke singekho khona," kusho uCele.
Ikhansela lakuWard 82, UMnuz Sibusiso Cele, lithe ukubambisana kwabo njengamakhansela namaphoyisa, kunezithelo ezinhle.
“Ukubambisana kwethu nokuba namakomiti ahamba imigwaqo egadile kwenza umehluko omkhulu ekwehliseni izinga lobugebengu. Sinamavolontiya aphuma ekuseni kuze kube isebusuku begadile,” kuchaza uCele.
Khonamanjalo: INkantolo yeSiFunda ESikhaleni igwebe owesilisa odilikajele ababili ngamacala okudlwengula abesifazane ababili ngobusuku obubodwa.
UVusumuzi Mashaba Thabethe oneminyaka ewu- 21, ugwetshwe iminyaka ewu-46 ebhadla ejele. U-Thabethe ngoSepthemba 2021, eneminyaka ewu-19, washela owesifazane ehlangana naye endleleni ngayizolo kodwa wangamqoma. Kuthiwa ngakusasa, wakhomba lo wesifazane owayeminyaka ewu-21 ngommese, wamdonsela esikhotheni endaweni yaseMabuyeni, wamdlwengula. Akazange agcine lapho, uqhubekile wamhudulela endaweni ewumfula lapho wafike waqhubeka khona nokumdlwengula ngaphambi kukumdedela.
Ngabo lobo busuku, uThabethe wahlasela omunye wesifazane endaweni yaseMadaka, lo wesifazane owayemudala ngeminyaka eyishumi nambili, wamhudulela endaweni eyisikhotha, wamudlwengula. Uphenyo lwamaphoyisa lwabaholela kuThabethe owagcina ekhonjwe umgilwa njengowesilisa owamuglwengula.
Okhulumela amaphoyisa eKZN, uColonel Robert Netshiunda, uthe izigwebo ezifuze lezi zikhombisa kucace ukuthi abaphoyisa aphezu kwezigelekeqe, ikakhulukazi lezo ezihlukumeza abesifazane nezingane, ukuze abadlwenguli beyogcina besusiwe emiphakathini.