KULOKOZA inhlansi yethemba kosomabhizinisi abasathuthuka abangaphansi kwenhlangano yosomabhizinisi abasathuthuka abadayisa emgwaqweni iSesimiphi Mpc njengoba i-Afrimoola isizosebenzisana nabo ngenhloso yokubalekelela ukuze bangacwili ezikweletini.
I-Afrimoola isebenza njengebhange, ivumela osomabhizinisi abasathuthuka ukugcina imali baphinde bakwazi ukuyiboleka ngaphandle kokukhokhiswa inzalo.
Lokhu kuvele ngoLwesithathu, eThekwini lapho bekukade kuqhubeka khona ingqungquthela yosomabhizinisi abasathuthuka abavela ezindaweni ezehlukene.
USihlalo wenhlangano, iSesimiphi uMnuz Sibusiso Mjwara, uthe inhlosongqangi yale ngqungquthela ukulekelela osomabhizinisi abasathuthuka ukuthi badlondlobale.
Uthe okumqoka kakhulu ukubacija nangolwazi oluzobalekelela ekutheni bakwazi ukusebenzisa kahle imali.
Ugcizelele ukuthi ukuphumelela kukasomabhizinisi kuncike ekutheni uyisebenzisa kanjani imali.
Uthe kulokoza inhlansi yethemba mayelana nokuphumelela kwalobu budlelwane phakathi kwabo ne-Afrimoola.
"Okuyikhona okumqoka ngaphezulu kwezinto zonke ukulekelela osomabhizininisi bakithi ukuze bakwazi ukuzigcinela imali. Sikholwa ukuthi uma bekwazi ukusebenzisa kahle imali amabhizinisi abo angathuthuka,'' usho kanjena.
UNksz Yolanda Lekota we-Afrimoola uthe kuyabajabulisa ukuthi bazoba nobudlelwane nenhlangano yosomabhizinisi abasathuthuka.
Uthe okwabo ukubalekelela kakhulu ekutheni bakwazi ukusebenzisa imali ngendlela efanele.
Uthe bazibophezele ngokuthi lokhu kwenzeke ukuze iguquke impilo yalabo somabhizinisi.
Uveze ukuthi bazolekelela osomabhizinisi abancane ngokuthi bafake imali kubona ukuze bayilondoloze isikhathi eside.
Uma futhi bedinga ukuyiboleka uthe bazobavumela ukuthi bakwenze lokho.
Uthe lokhu kuzobalekelela kakhulu ekutheni bahlukane nokuboleka imali komashonisa egcina seyibuya seyinenzalo ephindaphindiwe.
Kuyona le ngqungquthela osomabhizinisi abancane banikezwe ingqayizivele yethuba lokuba bazwakalise izingqinamba ababhekene nazo.
Osomabhizinisi babalule inkinga yokushoda kwemali, ukungakutholi ukwesekwa okuvela kuhulumeni, ukulahlekelwa ngamakhasimende abathi asewele kwabokufika nokunye okuningi.