LIMI ngomumo ukwamukela izivakashi ngoDisemba iTheku njengoba kuqiniswe ezokuphepha futhi kulungiswa nengqalasizinda.
Izolo iMeya yeTheku, uMnuz Mxolisi Kaunda, ivule kabusha ama-swimming pool abelungiswa eBlue Lagoon kanti besekukhona odado abadlalayo kuwo.
“Ngempelasonto bekunezivakashi ezingaphezu kuka-130 000 ebezihambele ikhonsathi yeBoyz II Men, iGcwalisa Spring Picnic, umzungezo wendebe yamaBhokobhoko nomdlalo weCarling Black Label. Sikulungele ukwamukela ezinye izivakashi ezizochitha amaholidi ngoDisemba,” kusho uKaunda.
Ubalule ukuthi asevuliwe amabhishi awu-24 kwawu-27 aseThekwini.
Wathi bayayilungisa futhi bayayivuselela ingqalasizinda yamanzi nayo yonke enye ukuze abantu baseThekwini nezivakashi bajabule kahle.
Uveze ukuthi kuzoba namaphoyisa kamasipala azohamba iTheku lonke nasemalokishini futhi namakhamera alungisiwe ukuze kuqashwe isimo.
Mayelana nesibhamu esiqhuma eNyakatho yeTheku, uKaunda ubonge amaphoyisa ngokuvikela umphakathi njengoba ethe abadutshulwayo basuke bedubula amaphoyisa uma ezobabopha.
Uthe ukuvulwa kabusha kwama-swimming pool aseBlue Lagoon kusho ukuthi asewu-34 asebenzayo eThekwini.
Ubuye waveza ukuthi bamatasa nokwakha isikhungo esizojabulisa izingane esizovulwa ngoDisemba 15, sizodla uR37 million.
Uthe uyaqhubeka nomsebenzi wokuqasha abazosebenza ngoDisemba okubalwa abagada izingane emabhishi, abasiza ababhukudayo kanjalo nabaqoqa udoti.
UMengameli weDurban Chamber of Commerce and Industry, uMnuz Prasheen Maharaj, uthe bayajabula ukuthi uKaunda usebenzisana nabo bengosomabhizinisi.
Uthe bazoqhubeka babambane ngezandla ukuze iTheku liqhubeke nokuheha izivakashi, liphephe futhi lihlale lihlanzekile.
Uqinisekise izivakashi ukuthi amabhishi aseThekwini ahlanzekile futhi akulungele ukwamukela bonke abazozithokozisa ngoDisemba kuze kube wuJanuwari 15.