UMASIPALA weTheku usuthembise ushwele ukusiza labo abangene ezikweletini ngenxa yokubheduka kobhubhane iCorona.
Lo masipala uthi ngeke bakhokhiswe inzalo labo abangene ezikweletini kunyaka wezimali u-2020/21, inqobo nje uma bezokwenza isibophezelo sokukhokha isikweletu baphinde bahlephule nengxenye ephakathi kuka-5% no-10% wemali abayikweletayo.
Lokhu kuqukethwe kwisabelo sezimali salo masipala esesihlelwe kabusha, esethulwe yimeya uMnuz Mxolisi Kaunda, emhlanganweni womkhandlu.
Ushwele uzobakhona kuze kube sekupheleni kukaJuni.
UKaunda uthe bayakuqonda ukuthi ukubheduka kweCorona kube nomthelela ongemuhle kwezomnotho, wathi yingakho bebeke phambili abahlwempu ngesikhathi kuhlelwa kabusha isabelo sezimali salo masipala.
“NgoMashi sathatha isinqumo sokungacishi ugesi noma sivale amanzi kulabo abaswele. Kepha kulabo abakweleta kakhulu futhi abahlulekayo ukukhokha, kwasiphoqa ukuthi sinqamule ugesi noma amanzi.”
Amaqembu aphikisayo asigxekile lisabelo sezimali athi izigidi zamaRandi zizoya ekukhokheleni abasebenzi amabhonasi esikhundleni sokuhambisa intuthuko.
Ohola inguyazana ye-DA kulo masipala uNksz Nicole Graham, uthe isabelo sezimali sifana nokuthi abantu baseThekwini bashaywa ngempama.
UNksz Graham uthe kuyihlazo ukuthi nakuba umasipala unenkinga yokungaqoqwa kukadoti, amapayipi amanzi avuzayo angalungiswa kanye namalambu kagesi angakhanyi, umasipala uhlela ukunikeza abasebenzi amabhonasii.
“Izikhulu zamanzi nokuthuthwa kwendle zizothola amabhonasi afika ku-R54 million. Lokhu kuzokwenzeka nakuba lo mnyango uyinhlakanhlaka. Le mali kufanele engabe isetshenziselwe ukulungisa izinkinga ezibhekene nalo mnyango, hhayi ukukhokhela abasebenzi.
“Abasebenzi bakwadoti, abachitha isikhathi esiningi beteleka kunokuba besebenze, bona bazothola amabhonasi afika kuR31.6 million.”
UMnuz Prem Iyir we-IFP, uthe le mali kufanele engabe izosetshenziselwa ukuhambisa izidingo kubantu.
“Siyazi ukuthi ungqongqoshe wezimali uMnuz Tito Mboweni, ukhulume ngokuncishiswa kwemiholo ezisebenzini zikahulumeni, kepha lapha sibona kwenzeka okuphikisana nakushilo.”
Khonamanjalo lo masipala umemezele ukushiya kwesikhulu esiphezulu kwezokuphathwa kwezimali zomkhandlu, uMnuz Krish Kumar.
UKumar ubesesebenze kulo masipala iminyaka engaphezu kuka-40.
Ukushiya kwakhe kulandele ukusula kwePhini lemeya kulo masipala uNkk Belinda Scott, obesebenza eduze naye njengoba uNkk Scott ebengusihlalo wekomiti lezezimali kulo masipala.