IMEYA yeTheku idalule ukuthi sikhuphukile isibalo sabavakashi ngalamaholidi okuphela konyaka uma kuqhathaniswa nesikhathi esifanayo ngonyaka odlule.
UMnuz Mxolisi Kaunda uthe kuvakashe abangangaphezu kuka-75% uma kuqhathaniswa no-60% wangoDisemba 2022.
UKaunda uthe nangaphambi kukaKhisimusi ukhule ngamandla umnotho weTheku namahhotela agcwala bebaningi abafika ngezindiza.
Udalule ukuthi bangu-112 101 abavakashi abafikile. Kulesi sibalo abangu-72 866 bebekade befikele ukuthi balale emahhotela kwathi abangaphezu kuka-32 000 bafika usuku futhi bahambela izindawo ezehlukene.
Lokhu uthe kufake imali engaphezu kukaR212 million emnothweni weTheku kwadaleka amathuba emisebenzi abalelwa ku-1 000.
“Mukhulu umehluko uma uqhathanisa manje nangonyaka odlule. Njengoba esaqhubeka amaholidi siyathemba ukuthi sizokhula lesibalo,” kusho uKaunda.
Ubalule nemicimbi enhlukahlukene ebithe chithi saka eThekwini athe ihehe inqwaba yabantu nabavakashi.
Uxolisile ezakhamizini ngokuvalwa kwe-swimming pool evame ukugcwala izinkumbi zabantu ebhishi wathi amanzi ayo abengekho esimweni sokuthi kungabhukudwa kuyona.
“Kukhona esikulungisayo kuyona, sizophinde siyivule futhi ngokukhulu ukushesha. Siyazi ukuthi kade bayilindela abantu,” kusho uKaunda.
Uthe bebeke bayivulile le-swimming pool besayihlola ngaphambi kukaKhisimusi kodwa babuye bayivala ukuze ilungiswe.
UKaunda uthe kuyaziwa ukuthi into ethinta amanzi namapayipi uma isihlale isikhathi eside ingasebenzi iyaye ibe nezinkinga eziningi lezi abazilungisayo.
Ubonge ukuziphatha kahle kwabantu athe kufakazelwa nawukungabikhona kwezigameko ezibikwayo zabasuke beminze olwandle.
UKaunda uthe ukutshalwa kwamaphoyisa aqaphe ubugebengu kwenza umphakathi uzizwe uvikelekile.
Udalule ukuthi kubekhona ababoshwayo abangu-61 ngamacala okushayela bephuze utshwala. Abantu abangaphezu kuka-10 000 bakhokhiswe inhlawulo ngokuhamba ngezimoto ezingekho esimweni sokuba semgwaqweni.
Ukhuze abashayela ngendlela enobhudlabha, ngesivivini futhi abangababekezeleli abanye abashayeli.
Uthe bawu-1 350 abakhokhiswe inhlawulo ngokungaziphathi kahle emgwaqweni.
UKaunda udlulise amazwi enduduzo emindenini yabashonelwe izihlobo ngezikhukhula zaseMnambithi. Ukufanise nokuwa komuthi omkhulu ukudlula emhlabeni kwengqalabutho yeciko uMbongeni Ngema athe uyibekile induku ebandla.