KUSEBENZE uR15 million wosizo lwebhange Ithala, ukwakha nokuvula ngokusemthethweni indawo entsha yokusebenzela yeHRMP Logistics, inkampani egcina nethutha impahla, iyihambise ezindaweni ezahlukene ezweni lonke.
Le ndawo yale nkampani eholwa wuMnuz Musa Makhunga, yethulwe ngoLwesihlanu eDube Tradeport, eLa Mercy, eduze kwesikhumulo sezindiza iKing Shaka.
Exoxa neSolezwe Ngempelasonto sekuphele umcimbi wokuvula le ndawo ewu-5 600m2, uMakhunga uthe kubajabulise kakhulu ukuxhaswa yiThala ngoba bebehlale besebenzela ezindaweni abebeqashe kuzona kusukela beyiqala ngo-2018.
“Okuhle kakhulu ngale ndawo esikuyona manje wukuthi iDube Tradeport, esakhe emhlabeni wayo, ikwazi ukurentisa ngomhlaba wayo iminyaka ewu-49, esikholwa wukuthi sizokwazi ukusebenza kahle nangokukhululeka kuyona ukuqhuba nokukhulisa umsebenzi esiwenzayo.
“Sikholwa wukuthi ukusebenza kwethu lana kuzothela izithelo, siqhubeke nokukhulisa inkampani yethu esesiqashe izisebenzi eziwu-10 kuyona. Sibonga kakhulu kwabeThala ngokuhlale bevule izandla ukuxhasa amabhizinisi abantu abenza imisebenzi ebonakalayo emphakathini njengathi,” kusho uMakhunga.
USihlalo webhodi leThala uMnuz Sihle Mkhize uthe kusemkhondweni wabo ukusiza noma wubani waKwaZulu-Natal onebhizinisi elenza umehluko emphakathini.
“Ngenkathi sicubungula isicelo sabo (esho iHRMP Logistics) sagculiseka ngaso, sase sibaxhasa ngoR15 million wokubasiza bafukule ibhizinisi labo njengoba sesihlangene namhlanje umsebenzi owenziwe usuphelile. Sikholwa wukuthi bazoqhubeka babe wusizo emakhasimendeni abo,” kusho uMkhize.