UMASIPALA waseMnambithi, i-Alfred Duma, oholwa nguMnuz Zama Sibisi, uvale inyanga yabesifazane ngokuhlonipha omama abahweba emgwaqweni ngomnikelo wama-voucher nangezinsiza kusebenza.
Lo mcimbi ubungoMgqibelo ezindlini zalo masipala enkabeni yedolobha laseMnambithi. Ama-voucher bekungawokudla kwaR500 iyinye kanti abantu abahlomulile bebevile ku-60.
Imeya ithe bahlose ukumema omama ngoba befuna ukubahlonipha njengoba sekusongwa inyanga yabesifazane. Uthe njengomuntu owakhuliswa ngumama owayeziphilisa ngokuhweba uyaziqonda izingqinamba nezinkinga ababhekana nazo.
USibisi uthe ukungaqashwa kwamlungu noma ezimbonini akusho ukuphela kwempilo.
"Lokhu kuqondane kahle nokuzalwa kukaMntwana waKwaPhindangene. Njengoba ningibona ngiwumkhiqizo wabantu besifazane. Abantu abadayisayo babukeleka phansi kanti mkhulu kakhulu umsebenzi wabo emiphakathini. Siyabonga uNkulunkulu ngabantu besifazane.
“Abantu besifazane bafanelwe ukuhlonishwa nokunakekelwa. Akulona iphutha ukudayisa emgwaqweni kepha uhlelo lukaNkulunkulu. Sifisa ukunibonga ngokukhulisa umnotho wethu," kusho uSibisi.
Eqhuba uSibisi unxenxe abantu besifazane ukuthi baqhubeke nomsebemzi omuhle abawenzayo.
Omunye wabadayise ohlomule kulolu hlelo, uNksz Nombuso Zikalala waseMlumayo, uthe ufisa kulokhu kuqhubeke njalo ukuhlonishwa nokulekelelwa kwabantu besifazane abadayisa emgwaqweni edolobheni.
“Le nto eyenziwe ngumasipala wethu lapha eMnambithi kube yinto enhle futhi encomekayo. Thina siyaqala ukuhlonishwa ngale ndlela. Lokhu kubuyisa ithemba lokuthi imeya esinayo njengamanje isikhathalele futhi sizoba nayo impumelelo. Lokhu okwenzekile sikushayela elikhulu ihlombe. Siyafisa ukuthi imeya sengathi ingahlezi inalolu hlelo oluhle olusilekelelayo,” kusho uNksz Zikalala.
Kulo mcimbi uSibisi ugqugquzele abahweba edolobheni ukuthi bavuselele izincwadi ezibagunyaza ukuthi bahwebe njalo uma kuqala unyaka.