LUVELE obala ubumbano ezinhlangeni ezehlukene ngesikhathi kunemiklomelo yezindondo i-17th PanSALB Multiligualism Awards, ngoLwesine ebusuku e-ICC, eThekwini.
Kulo mcimbi Isolezwe lihlonishwe ngendondo emkhakheni weMedia Category/Lifetime Achievement Award.
Leli phephandaba elizobe ligubha iminyaka engu-22 ngenyanga ezayo lisemlandweni ngokuba noshicilelo nsuku zonke ngolimi lwendabuko kuleli. Lingelikhulu kunawo wonke akhona e-Afrika ashicilelwa ngolimi lwethunga.
Zonke izikhulumi kulo mcimbi zigqugquzele ukuthi kukhulunywe izilimi zendabuko yase-Afrika, bekukhona abafisa ukuthi imikhiqizo ibhalwe ngolimi lwendawo lapho ivutshelwe khona.
UMhleli weSolezwe, uMnuz Thulani Mbatha, uthe lo mklomelo uyinto enkulu ekuhlonishweni kweqhaza elibanjwe yileli phephandaba kwezokuxhumana.
“Isolezwe aligcini nje ngokuba yinkundla yezindaba nezokuxhumana kodwa likhathula indima enkulu ekubuyiseleni ulimi lwesiZulu eqhulwini nokuqinisekisa ukuthi alushabalali, okuyinselelo ebhekene nezilimi eziningi zendabuko e-Afrika,” kuphula uMbatha.
Inkosi Themba Mavundla enguSihlalo wePLC kwaZulu-Natal, ithe emandulo izingonyama namakhosi kwawumsebenzi wawo ukuthuthukisa ulimi nokulukhusela.
“Abantu abancane nomama babenezinhlaka zabo lapho ababefundiswa khona ukusebenzisa ulimi. Kwakunendlela yokusebenzisa ulimi. Omncane wayengakhulumi njengomdala. Kwakuthi noma uyonana ufike ungathekise ungakuqondisi ukuthi uzonana. Ulimi ufunda ngalo ukuphila nokuxhumana nabantu. Njengamakhosi ezizwe siyafisa ukubonga ibhodi lakwaPanSALB ngokwenza isiqiniseko sokuthi izilimi zethu azishabalali. Empeleni njengamakhosi kumele engabe singumtapo wolwazi wokusetshenziswa kolimi. Lokhu kungandisa ngisho amathuba omsebenzi. Uma kukhiqizwa umkhiqizo oyiswa kuleso sifundazwe okukhulunywa khona lolo limi imikhiqizo ibhalwe ngolimi lwakhona. Uye uphoxeke ubona ingane iphethe ugwayi ithunywe ngumuntu omdala kube kungafanele ngabe iwuphethe. Okwenza ingazi ukuthi akufanele yingoba kusuke kubhalwe ngesingisi kanti ukube kubhalwe ngolimi eluqondayo ngabe iyazi ukuthi akumele iwuphathe,” kuchaza inkosi Mavundla.
Emcimbini bekukhona nabaqhamuka eminyangweni kahulumeni omunye wabo okungu-Adv Linda Zama, ongumeluleki ehhovisi likaNdunankulu KwaZulu-Natal, inhloko yoMnyango wezobuCiko namaSiko KwaZulu-Natal, uDkt Thobile Sifunda nabanye.
Bekuklonyeliswa abantu neminyango emikhakheni ehlukene okubalwa oweLanguage & Literature, Language Activist Category, Translation & Interpreting, Youth Category, Government / Public Sector, Education neBusiness & Technology.
Kunandise abaculi abehlukene okubalwa uLwah Ndlunkulu, Zuko Kupiso, Oscar Makamu Na Majuvani Sisters noThabang Nkutha.
USomizi obengomunye wabaphathi bohlelo ubeqhulula amahlaya, abantu bahleka kwaze kwabuhlungu izisu.