KUSOLWA isoka ngokusha kolindela abahlanu eRidgeview, eChesterville, entathakusa izolo.
Kuthiwa leli soka elidabuka KwaMaphumulo lifike ngemoto kulabo lindela ngoLwesibili emini lizofuna intombi yalo.
Le ntombi edabuka eMpangeni ebinamasonto amabili ihleli kule ndawo ngoba izonandisa neqembu layo likamasikandi, ibingekho, ihambe neqembu layo iyosina.
Umakhelwane uNksz Fisani Majola oshelwe yindlu yakhe, uthe ubengazi nokuthi kunabantu abahleli kwamakhelwane wakhe, uzwe emuva kokusha kwendlu yakhe.
“Ngokuzwa kwami ngayo intombi nayo ephume ngefastela ngekhathi kusha, ithe isoka layo abanengane nalo bese ilitshelile ukuthi abahlukane ngoba benezinkinga othandweni lwabo. Ayichazi ukuthi yiziphi izinkinga ebebenazo. Okusixakayo uma isoka belinenkinga nentombi yalo kungani selishisa olindela babantu abangahlangene nezindaba zabo,” kusho yena.
Uqhube wathi ngokuzwa kwakhe isoka lifikile emini labuza intombi yalo, latshelwa ukuthi ayikho ihambe nozakwabo bayonandisa kwenye indawo.
“Libuze ingane ukuthi ikuphi lakhonjiswa umakhelwane obeyigadile. Liyithathile, laya lapho intombi beyigobe khona amadlangala, lafica owesilisa naye okuleli qembu okunguyena obegade ingane ngaphambi kokuthi inikwe lo wesifazane eficwe kuye. Kuthiwa lixoxe nalo wesilisa elimfice endlini, asazi ukuthi bebexoxa ngani. Kuthiwa lithe uma selihamba lasonga ngokuthi liyabuya lizovulela ngenhlamvu,” kusho yena.
Ebusuku kuthiwa kubonakale umuntu ethela okuthile ngaphambi kwazo zonke izindlu zakule blokhi. Uthe basola ukuthi bekuwuphethroli ngoba umlilo ubusha kanyekanye.
“Angazi ukuthi thina bese singenaphi ezindabeni zothando lwabo ngoba yena uma enenkinga ngentombi yakhe bekumele aqondane nayo. Njengoba sishelwe kanjena nje yona leyo ntombi isivele yagibela itekisi yahamba ngoba vele yona ayishelwanga yilutho lapha,” kusho yena.
Imizamo yokuthola intombi ayiphumelelanga ucingo lwayo lushile ngesikhathi kusha.
Ucingo obekuthiwa olwesoka elisolwa ngokushisa olindela belukhala lungabanjwa nemiyalezo beyingaphendulwa.
Okhulumela amaphoyisa amaphoyisa KwaZulu-Natal, uCapt Nqobile Gwala, uthe ngokuthola kwamaphoyisa olindela abahlanu eRidgeview bashe entathakusa, izolo.
“Akwaziwa ukuthi umlilo uqale kanjani, akulimalanga muntu ngesikhathi kusha futhi alikho icala elivuliwe,” kusho yena