KUDONSWE ngendlebe amaphoyisa awo-constable afikayo embuthweni ukuthi angalokothi azimbandakanye nobugebengu.
Isixwayiso siphume kuNgqongqoshe wamaPhoyisa, uMnuz Senzo Mchunu ekolishi lamaphoyisa eTshwane, eGauteng.
Bekwamukelwa amaphoyisa ayingxenye yangu-2 699 aphuma emakolishi lapho eqeqeshwe khona izinyanga eziyisishiyagalolunye.
Eminye imicimbi yokwamukela amaphoyisa aphuma ekolishi ibisoLundi, KwaZulu-Natal, eGraaff Reinet e-Eastern Cape naseBishop Lavis, eWestern Cape.
UMchunu uthe kumqoka kubona ukuphepha kwamaphoyisa kwazise ngumsebenzi odinga uzikhandle uma uwenza.
“Sizoqhubeka siqinisekise ukuthi ninawo amathuluzi nezinsiza kusebenza enizidingayo nendawo ekahle yokusebenzela ukuze nenze umsebenzi wenu ngempumelelo,” kusho uMchunu ebhekise emaphoyiseni.
Ubalule nokuthi amaphoyisa acijwe nangokomthetho, wawatshela ukuthi konke akwenzayo kumele akwenze ngobuqotho, futhi awulandele njengoba unjalo umthetho.
“Ngaso sonke isikhathi uma wenza umsebenzi, qinisekisa ukuthi ulandela umthetho. Amandla nomsebenzi eninikezwe khona kumele niwenze ngobuqotho. Ungalingeki uze wenze okungafanele,” kuxwayisa uMchunu.
Uqhube wathi embuthweni wamaphoyisa ayikho indawo yokwenza ubugebengu nenkohlakalo.
UMchunu uthe kunengcosana yamaphoyisa engcolisa igama lombutho ngokuthi izimbandakanye ebugebengwini.
“Ningabi kula maphoyisa enza ubugebengu ngoba sizonihlamuka zisuka amadaka. Noma ngabe akukho muntu okubonayo, ungalingeki wenze ubugebengu. Uzobhekana kanzima nengalo yomthetho okuyotholakala ukuthi uphula umthetho ngenkohlakalo nobugebengu,” kusho uMchunu.
Uthe ubheke ukuthi amaphoyisa awenze ngempumelelo umsebenzi wawo wathi uyaziqhenya ngawo futhi mahle.
UMkhuzi wamaPhoyisa, uGeneral Fannie Masemola uxwayise amaphoyisa ngokuthi njengoba eseya emphakathini eyosebenza, azofica izigebengu ziwalindile.
“Lezi zigebengu azibona abangani benu futhi zizowathatha amashansi. Kumele nizivikela ngaso sonke isikhathi. Niqeqeshiwe nangokomthetho ngakho niyakwazi okufanele nikwenze,” kusho uMasemola.
Uthe amaphoyisa afundisiwe ukuthi kufanele asisebenzise nini futhi kanjani isibhamu uma evikela impilo yawo neyezakhamuzi.