UMBUTHO wamaphoyisa namhlanje unenkonzo yesikhumbuzo samaphoyisa asala empini e-Union Buildings ePitoli.
Lesi sikhumbuzo ngesamaphoyisa angu-34 ashona phakathi kukamhla ka-1 Ephreli 2022 no-31 Mashi 2023.
UKhomishana Fannie Masemula wamaPhoyisa uthe abasolwa bavinjezelwa emzini othile osendaweni yomntakabani eMakhado
Kula maphoyisa angu-34 ashonile, mane awesifazane.
UMnuz Bheki Cele onguNgqongqoshe wamaPhoyisa uvule inkonzo yesikhumbuzo ngokuncoma amaphoyisa ngokuzinikela emsebenzini wawo, washo isigameko sangoLwesihlanu lapho amaphoyisa elahle khona phansi abasolwa abangu-19 ngenhlamvu eMakhado eLimpopo.
UCele ududuze imindeni yamaphoyisa akhunjulwayo, wathi ayilahlekelwe yodwa, ngoba nabo bengumbutho bashayekile futhi bazokhumbula njalo imisebenzi yawo emihle yokuvikela imiphakathi.
UHLU lwamaphoyisa akhunjulwayo: