LIYABEKWA namhlanje endlini yalo yokugcina iphoyisa elidutshulwe lafa ngeledlule emva kwesigameko sokuhlaselwa kwalo ekhaya.
U-Warrant Officer Nkosinathi Ntinga (49) wasoPhatheni obesebenza esiteshini samaphoyisa KwaMbonambi uhlaselwe ehleli nenkosikazi yakhe eyiphoyisa, uSergeant Ntombizodwa Ntinga (44) esiteshini esifanayo, nesivakashi esingumabhalane esiteshini samaphoyisa eNtambanana. Isidumbu sikaNtinga satholwa osebeni lomfula sinamanxeba amaningi okudutshulwa.
IMeya kaMasipala waseMfolozi, uMnuz Xolani Bhengu ihambele umngcwabo lapho kulindeleke ukuthi yethule inkulumo nezikhulumi ezahlukene, okubalwa nezomthetho, omakhelwane nabangani.
Khonamanjalo ngesonto eledlule oKlebe babophe abasolwa ababili ngaleli cala, okubalwa uMnuz Samkelo Mpanza (33) nenkosikazi kaNtinga, abavele eNkantolo kaMantshi KwaMbonambi.