LEDLULISELWE kwabezokuShushisa, iNational Prosecuting Authority (NPA) KwaZulu- Natal idokodo lecala elivulelwe inhlangano Umsinsi Wokuzimilela, esolwa ngokugasela emzini kaNdunankulu uNkk Nomusa Dube-Ncube.
AboMsinsi Wokuzimilela ngenyanga edlule bagasele emzini kandunankulu eHillcrest, eThekwini bethi bafuna ukuxoxa naye.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uBrigadier Jay Naicker uthe idokodo kalisekho kubona seledlulisiwe.
“Siyakuqinisekisa impela ukuthi idokodo selidluliselwe kumshushisi omkhulu ukuthi athathe isinqumo ngalo,’’ kusho uBrigadier Naicker.
Okhulumela iNPA eKZN, uNkk Natasha Ramkisson-Kara, uthe ucela kubuzwe amaphoyisa ngendaba yedokodo. Akabanga esaphika noma avume ukuthi lifikile kubona.
AboMsinsi bebeyiqulu bephikisana nabaqaphi bomuzi kandunakulu bebachazela ukuthi kabezile kabi kodwa bafisa ukuxoxa nondunankulu. Bathi bangena umuzi nomuzi bavakashela abaholi njengoba nabo besuke benza uma bekhankasa ngokhetho. Kube nesikhalo sokuthi lokhu kwethuse umndeni kandunankulu ubona iqulu labantu ligcwele esangweni.
Isolezwe ngeSonto lithole ngomthombo walo osondelene nodaba ukuthi kunecala elivuliwe lokusabisa nokungena ngokungemthetho endaweni. Umthombo uthi kukhona omunye waboMsinsi obizwe ngamaphoyisa ukuba azobhala isitatimende njengengxenye yophenyo.
Isenzo soMsinsi Wokuzimilela sigxekwe yi-ANC saze sagxekwa nayiHhovisi likaMengameli Cyril Ramaphoa elikhiphe isitatimende. Umsinsi Wokuzimilela usanda kuveza ukuthi uzoqhubeka nokuvakashela abaholi ngesihle.
Kamuva nje Umsinsi Wokuzimilela usanda kugasela emzini kaMnuz Philani Mavundla obeyiphini lemeya kuMasipala weTheku. UMavundla uthe ubengekho ngesikhathi befika kodwa uzimisele ngokubalalela ezwe ukuthi bathini.