ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sifuna uZulu uyozikhombisa amandla eGoli emva kokuzikhombisa eMkhosini woMhlanga obuyingqophamlando.
ISilo sithe inselelo ehlalele uZulu ukuba uyozikhombisa amandla eGoli emva kokuzibonakalisa ngoMkhosi woMhlanga obuseNyokeni, ngempelasonto.
Imbube ithe nakuba eGoli kunezizwe eziningi, uZulu iwona omningi kuleli dolobha eliyisizinda somnotho wezwe.
Lokhu sikusho ngesikhathi sikhuluma nezimbali zezwe, izolo.
Kulo nyaka bekugujwa iminyaka ewu-40 kwavuselelwa kabusha uMkhosi woMhlanga.
Izintombi beziphume ngobuningi emkhosini wakulo nyaka.
Imbube ithe kuzokwenziwa uMkhosi woMhlanga waseGoli lapho uZulu uzozikhombisa khona amandla.
Beziphume ngobuningi izintombi zaseGoli emkhosini wakulo nyaka, kepha zakhala ngokuthi zikhishwa inyumbazane.
“Ukuze siqede lezi nkulumo, kufanele siye eGoli. Nibonile ukuthi izintombi zaseGoli beziningi kanjani? IGoli linezizwe eziningi. Nathi sibaningi eGoli, eqinisweni ithina esibaningi kunabo.”
ISilo sithe umkhosi wakulo nyaka uvunywe yizulu.
Indlulamithi yamakhosi ithe isimo sezulu sikhombise ukuthi umkhosi wakulo nyaka uhambe kahle.
Izulu beliguqubele kwaNongoma, lishaye izihlambi ngesikhathi iMbube iphuma namabutho bephuma esigodlweni beya enkundleni, nangesikhathi iSilo sikhuluma nezinkulungwane zamatshitshi abeseNyokeni.
ISilo sithe isimo sezulu sikhombisa ukuthi umkhosi wamukeliwe amadlozi aseNdlunkulu.
“Kusho ukuthi namakhosi amadala ayejabula. Thina balapha eNdlunkulu sizosala sibonge ukuthi umkhosi uhambe kahle. Kodwa sizojabula kahle uma sesizwa ukuthi nonke nifike niphephile emakhaya. Ngiyahlukumezeka kancane ngenxa yamaloli agcwele emigwaqweni. Ilesifunda kuphela esinale nkinga yamaloli, awekho kwezinye izifunda.”
Izolo izintombi ezingu-28 zivalelise eSilweni.
Lezi zintombi ezigide okokugcina eMkhosini woMhlanga njengoba sezibheke emendweni.
Imbube ihalalisele lezi zintombi, yazinika izibusiso.
ISilo sinxuse izimbali zesizwe ukuba ziqhubeke nokuzigcina.
Imbube ifisele izintombi ezizobhala izivivinyo zokuphela konyaka ukuba zibhale kahle, saphonsela inselelo ababhala ibanga leshumi ukuba benze kahle njengoba kwenza abalapha esifundazweni ababebhala ngonyaka odlule.
“Laba bangonyaka odlule benza saziqhenya ngabo. Ningavumi ukuphazanyiswa izinto eziseceleni, nihambe niqonde kahle ngoba niyazi lapho niya khona.”
ISilo siphinde sazwakalisa ukukhathazeka ngobugebengu obudlangile esifundazweni.
Imbube ithe ukwanda kwezigameko zokubulawa kwabantu nokuhlukunyezwa kwabantu besifazane kunika iKwaZulu-Natal igama elibi.
“Yithi esihamba phambili ngalobu bugebengu ezwenikazi, angisasho ezweni. Le nto isinikeza igama elibi.”