ISILO uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini sibuyise abameli ababesimele emacaleni ombango wesihlalo sobukhosi, ayethethwa eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Lesi sinyathelo siza emva kokuthi iSilo sehluliwe ecaleni ebelithethwa eNkantolo eNkulu ePitoli, lapho sasimelwe inkampani yabameli entsha.
ISilo besikade simelwe abameli benkampani, iCavanagh & Richards Attorneys, ecaleni ebelithethwa ePitoli lapho ijaji linqume ukuthi kwakungekho emthethweni ukuvuma kukaMengameli Cyril Ramaphosa ukuqokwa kweSilo.
Isolezwe lithole ukuthi iSilo sesinqume ukuphinde siqashe inkampani yabameli, iStrauss Daly, ukuba kube yiyo ezosimela kuwo wonke amacala athinta umbango wesihlalo sobukhosi.
Le nkampani iyona eyayimele iSilo emacaleni esawanqoba eNkantolo eNkulu eMgungundlovu.
Kula macalaiJaji Mjabuliseni Isaac Madondo lanquma ukuthi iSilo uMisuzulu yisona esifanelwe isihlalo sobukhosi bukaZulu.
Isolezwe libone incwadi ebhalwe yiSilo lapho sazisa khona abeStrauss Daly ngokuqashwa kwabo.
Kule ncwadi iSilo siqala sibonge iqhaza elibanjwe abeStrauss Daly ngesikhathi kuqala umbango wesihlalo sobukhosi bukaZulu.
“Namanje mina, iNdlunkulu kaZulu kanye noZulu wonkana sisanconcoza. Ukusebenza kwenu ngokuzikhandla nibhula imililo kwavimba inhlekelele eyacishe yehlela iNdlunkulu noZulu. Lo msebenzi nawenza yize yayingekho imali yokunikhokhela.
“Nangesikhathi nginquma ukuqasha enye inkampani yabameli, anizange nikhombise ukuhluthuka. Nakhombisa ukukuqonda ukuthi nginelungelo lokuqasha inkampani yabameli engiyithandayo. Ngifisa ukunazisa ngesifiso sami sokuba ngiphinde nginiqashe ukuba ningimele.”
Okhulumela ihhovisi leSilo, uMntwana u-Africa Zulu, ukuqinisekisile ukuthi sihlela ukubuyisa abeStrauss Daly kepha wenqaba ukudalula izizathu zalokhu.
“Asikho isidingo sokuthi iSilo sichaze ngezinqumo esizithathayo. Ezinye zezinqumo ezithathwa yiSilo sisuke sitshelwe amakhosi amadala. Ngakho ke akulula ukuba sengingahamba ngibuza ukuthi kungani sithathe isinqumo esithile.”
UMnuz Musa Ntsibande, wenkampani iStrauss Daly, uthe bebengakaziswa ngokuqashwa kwabo kabusha.
UNtsibande uthe bayaqhubeka nokumela iSilo kanye nabanye abantwana basendlunkulu emacaleni athinta umbango wamafa eSilo esasabuza, uGoodwill Zwelithini kaBhekuzulu.
Leli cala lalifakwe nguNdlunkulu wokuqala kaMdlokombane, uSibongile Winfred Dlamini Zulu, wasesigodlweni kwaKhethomthandayo.
Undlunkulu ufuna uhhafu wamafa njengoba ethi umshado wakhe neSilo esesabuza wawuhlanganisa amafa.
INkantolo eNkulu eMgungundlovu yamchitha kepha walidlulisela phambili icala.