ONGOTI bezamasiko babona kunesidingo sokuthi iSilo uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini nondunankulu kaZulu, Inkosi Mangosuthu Buthelezi, babize imbizo, ukuze baqede ukuqagela ngomdonsiswano okubukeka ukhona phakathi kwehhovisi leSilo noButhelezi.
Lokhu bakusho emva komsindo oqubuke emva kokuthi ihhovisi leSilo noButhelezi bekhiphe izitatimende ezishayisanayo ngamahlebezi okudunguzela kweSilo.
Isazi samasiko, uSolwazi Sihawukele Ngubane, sithe isizwe kufanele saziswe ngokwenzekayo.
“Njengoba kunemibiko eshayisanayo, kukhombisa ukuthi iSilo kufanele sizibambele ngqo. ISilo yiso umlomo ongathethi manga. Ukuzikhulumela kweSilo kuzophendula imibuzo eminingi. Uma kufanele kubizwe imbizo, ayibizwe. Isizwe asikwazi ukuhlezi siqagela.”
Omunye ungoti wezamasiko, uDkt Maxwell Shamase, uthe kubalulekile ukuthi iSilo noButhelezi babe nomhlangano, bakhulume ngalo mdonsiswano oqhubekayo.
“Uma bebona sengathi kuzodinga imali enkulu ukubiza imbizo, mhlawumbe sebengakhipha isitatimende sabezindaba ngokuhlanganyela.”
NgoMsombuluko ebusuku iSilo sivele kwi-video eqoshiwe, sichitha amahlebezi okudunguzela.
UShamase uthe kule video iSilo siphuthwe ithuba lokuqeda ukuqagela ngalolu daba.
“ISilo asizange sisho lutho ngesitatimende sikaButhelezi futhi asishongo lutho ngokushiwo uMntwana u-Africa, sivele sakhetha ukuhlala phakathi nendawo.”
UShamase uthe umdonsiswano onjengalona awuqali ukuba khona endlunkulu.
“Kuke kwaba khona uMntwana uSifiso Zulu, naye oke waqophisana noButhelezi. Lezi zikhathi ezinjena ziyafika ziphinde zedlule. Lezi kuba izikhathi ezinzima. Uma uzokhumbula ngalezi zikhathi kwagcina sekukhona abantu ababengasasihloniphi iSilo.
Indonsa yesizwe inxuse ukuba kube nomhlangano phakathi kweSilo noButhelezi.
USolwazi Musa Xulu weNdonsa yesizwe, uthe kubalulelikile ukuthi umdonsiswano uxazululwe ngokushesha.
Lo mdonsiswano usuze waholela ekujikijelaneni ngamazwi phakathi kwe-ANC ne-IFP.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe ulindele ukuthi la maqembu aqhubeke nokuklwebhana ngezindaba zasendlunkulu njengoba kubhekwe okhethweni lwangonyaka ozayo.
“Uzokhumbula ukuthi ngesikhathi kuyiwa okhethweni lwango-2021 ukusondelana kukaButhelezi nendlunkulu kwayilekelela kakhulu i-IFP KwaZulu-Natal. Lokhu kwaba isifundo kwi-ANC. Ukungasondelani nendlunkulu kwayilimaza i-ANC. Ingakho ke uzobona wonke amaqembu ezepolitiki ezisondeza endlunkulu.”
Izolo uButhelezi uthe wayengaqondile okubi ngesitatimende sakhe asikhipha ngoMgqibelo.
UButhelezi uthe iSilo sangeniswa esibhedlela esiseSwatini, i-Ezulwini Hospital, ngoMgqibelo.
Uthe akusilona iqiniso ukuthi iSilo sasiye eSwatini siyohlangana neNgonyama yamaSwati, uMswati wesithathu, njengoba ethe iNgonyama yamaSwati ayikho kuleliya.
UButhelezi uthe indlunkulu, uNdunankulu waKwaZulu-Natal noma uMengameli abazange baziswe ukuthi iSilo sizoya eSwatini.