KUKHALWE ngesihlava sokubulawa kwabantu esidla lubi kwa-Q eMlaza, kutholwa isidumbu sowesifazane osemncane sihlubule, sidindilize ngasesangweni lesikole iBadelile Primary esikule ndawo, izolo ekuseni.
Ngesikhathi Isolezwe lihambele khona, isidumbu sowesifazane besiwumfunzana ebangeni elingamagxathu ambalwa ukusuka esangweni lesikole, simbozwe ngethawula okuvele ukuthi litholakale eceleni kwaso. Amalungu omphakathi abelokhu ebabaze isihluku okubulawa ngaso abantu endaweni. Kuthiwa ubelimele egcwele igazi ebusweni. Isidumbu sitholwe ngabafundi abebengena esikoleni, base behlaba umkhosi.
UMnuz Muzi Biyase, uSihlalo wekomiti elibhekele izigameko zobugebengu endaweni, uthe izigameko zokubulawa kwabantu endaweni, zandile kakhulu kangangoba umphakathi usuhlalele ovalweni.
“Akuqali ukuthi kutholakale umuntu esefile kule ndawo. Kodwa ke siyazama siyikomiti elibhekele ubugebengu. Akukuhle nokho, ngenyanga edlule nje, kubulawe abantu abayisishiyagalolunye. Kwaphinde kwabulawa izingane ezimbili, engingakusho nje ukuthi ezinyangeni ezimbili ezedlule, sekubulawe inqwaba yabantu engingenaso isibalo esiqondile ukuthi bangaki,” kusho uBiyase.
Elandisa ngakubonile kutholwa isidumbu, uthe phansi bekunomshudulo okungacaci noma owokuhudulwa kwaso okanye lo wesifazane ubulawelwe khona. Endaweni yesigameko belingekho igazi eliningi, ngaphandle nje kwebhulukwe okukholakala ukuthi ngelakhe owesifazane obulewe, ebeligcwele igazi.
Elinye ilungu lomphakathi elingathandanga ukudalulwa, lithe kuke kwafika omunye umndeni okhombe isidumbu njengeselungu lawo, kwaqhuma isililo kodwa okuthe uma sebesibhekisisa kahle kwacaca ukuthi benze iphutha, akusiyena umuntu abebethi wuyena.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseMlaza aphenya icala lokubulala