SIBE muncu isimo, kwaqhuma isililo kumalungu emindeni nezihlobo zabayisishiyagalolunye abaqothwe amaphoyisa eDesai, eMariannhill entathakusa ngoLwesithathu.
Abasolwa abaneminyaka ephakathi kuka18 no-26 iningi labo okuthiwa lalaxaza isikole, bafe ujuqu kulesi sigameko okuthiwa bebedubulana namaphoyisa. Kuvele ukuthi bebehlalise lubhojozi izakhamuzi ezithe liphume nobovu ngesikhathi kusabalala lezi zindaba.
Ngakolunye uhlangothi, izihlobo namalungu emindeni bakhihle isililo emva kokukhomba nokuqinisekisa ukuthi abafe kulesi sigameko bayigazi labo.
“Mhlawumbe umfana wami ufele ubala. Ubengayenzi le nto asolelwa kuyo, ubengayenzi,” kusho owesilisa ozichaze njengoyise womunye wabafe kufdutshulwana. Kuthe uma esondela kwabezindaba ezokhuluma nabo, wahetshezwa owesifazane othile obethi akangasho lutho.
Ngesikhathi Isolezwe lifika kule ndawo kuseluvivi, amanye amalungu omphakathi angomakhelwane abasondelene nalapho kwenzeke khona isehlo, abesabuzana ukuthi kwenzekeni. Sebezwa ukuthi kukhona asebedutshuliwe abahlala endlini eseceleni komgwaqo, iningi labo liswabulukile libonga linconcoza ngomsebenzi wamaphoyisa. Iningi lemiqasho nemizi eseduzane nendawo yesigameko ibilenga izingidi, eminye isifana namanxiwa, njengoba kuthiwa abasolwa bebengongqongqoshe kule ndawo.
“Kuzoke kushaye umoya. Ukuba kuya ngami besizohlanganisa imali sishise inyama sijabulele lolu suku. Bese sethuka izanya ngoba bebegqekeza endlini, bebamba inkunzi, bedlwengula kanti bebephatha izibhamu ezinzima, besatshwa,” usho kanje omunye.
Omunye ubevele ngewindi ebukela phesheya komgwaqo amaphoyisa ematasa eqoqa ubufakazi, omakhelwane bemhalalisela bethi uzoke aphumule.
Ekhuluma neSolezwe, uthe ubesenezinyanga nje ezimbalwa ebuyele ekhaya abeselishiye iminyaka emithathu ngenxa yabasolwa abebezicanasela. Uthe ubelala obenyoni njengoba ebengumakhelwane walapho bekuhlala khona ababulewe.
Usho lokhu nje, indawo okwakuyibhizinisi lokukhanda izimoto nomuzi kaMnuz Nguboyezizwe Ncube owayewumakhenikha owadutshulwa ngoFebhuwari nyakenye, usuyinxiwa njengoba kuthiwa umndeni wathutha emva kokubulawa kwakhe. Kulesi sigameko kwabulawa abahlanu, okungomakhenikha ababili nabasebenzi babo abahlanu ezigamekweni ezenzeka ngosuku olulodwa emizini ekhona endaweni, ngesikhathi besebenza.
Umholi womphakathi uMnuz Zama Khumalo, uthe isigameko sokubulawa komakhenikha senzeka emva kokuthi sekuzwakele ukuthi bafuna ukubiza umhlangano womphakathi ukuze kuliwe nobugebengu.
“Umphakathi ufanele ukujabula. Singebhiyoze ngokufa kwabantu kodwa ngeke ngigxeke umphakathi ngokujabula kwawo ngoba bebewuhlalise kanzima. Kwenzeka lokhu nje besisanda kubiza umhlangano womphakathi, sakhuluma nabagilwa balobu bugebengu bakhuluma ngobuhlungu ababuzwayo,” kuchaza uKhumalo.
Omunye uthe ukubulawa kwabasolwa kwenzeke kungakapheli namahora amangaki bebambe inkunzi owokufika oyilungu lomphakathi elikhonziwe, bamphuca u-R40 wakhe abeyothenga azokudla esitolo kwazise bekuwusuku lokuqala ephume ebhandeni ezile ukudla inyanga yonke ngokwenkolo yamaSulumane.
UMphathiswa woMnyango wezokuThutha ukuPhepha nokuXhumana koMphakathi, uMnuz Sipho Hlomuka, uncome umsebenzi wamaphoyisa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uthe abasolwa badubule kuqala babhekisa amaphoyiseni, aphendula.
“Amaphoyisa ngesikhathi efika endaweni yesehlo, angqongqoze emnyango okungesiwo, abasolwa abebekwenye indlu badubula bebhekise kuwona, aphendula ngendlela efanayo. Kufe abayisishiyagalolunye, kanti alikho iphoyisa elilimalile. Amaphoyisa athole izibhamu ezintathu ezincane nesisodwa esikhulu, kanti kusathungathwa abanye ababili okuthiwa bayingxenye yale migulukudu abasagcwele amathafa,” usho kanje.