I-Police and Prisons Civil Rights Union KwaZulu-Natal, ikhala ngefu eligubazele umbutho wamaphoyisa njengoba esemathathu amaphoyisa abulewe esifundazweni esikhathini esingangesonto.
Amabili kulawa maphoyisa abulewe, kuthiwa ebesemsebenzini.
Esigamekweni sakamuva esenzeke ngeSonto ntambama, kubulawe uSergeant Riyadh Adams obesebenzela esiteshini samaphoyisa esiseWestville ofihlwe izolo, ngokwesiko lenkolo yamaSulumane. U-Adams kuthiwa udutshulwe abasolwa abebebamba inkunzi kwesinye sezitolo zobucwebe, enxanxatheleni yezitolo i-Pavalion.
Ngokusho kokhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, umsolwa obezenza umthengi, ungene esitolo okuthe ngokuhamba kwesikhathi kwangena iqeqebana labasolwa ababalelwa kwabane, baqonda ngqo kubasebenzi babahlula bashaqa inqwaba yobucwebe inani labo elingadalulwanga.
Uthe ngesikhathi kwenzeka lokhu, elinye iqeqeba belishaya esinye isitolo sobucwebe ngamatshe, nakhona kwashaqwa ubucwebe begolide. Uthe ngesikhathi abasolwa bephuma, babone imoto yamaphoyisa imile baqala badubula bebhekise ngakuyo nokuyilapho kudubuleke khona u-Adams.
Ubulawa nje, isidumbu ikaConstable Siphesihle Brian Cele (25) obesebenza esiteshini ophikweni i-Public Order Policing eMpangeni sisesemakhazeni, njengoba edutshulwe ngesonto eledlule esemsebenzini. Kuthiwa uphangalale ngesikhathi amaphoyisa edubulana nezigebengu kwenye yamathaveni eMpangeni.
Isigameko sokubulawa kukaCele sandulelwe esokubulawa kukaConstable Thabani Gwala obesophikweni i-Public Order Policing eMgungundlovu, okuthiwa senzeke ngoMsumbuluko. Kusona kuboshwe ibhungu elina-19, okulindeleke lifake isicelo sebheyili eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, namhlanje. Kukholakala ukuthi umsolwa noGwala babebanga ukushayelisana kabi emgwaqweni u-Oribi khona eMgungundlovu, kanti wayesendleleni ebheke ekhaya emva kokushayisa emsebenzini.
UNobhala we-Popcru KwaZulu-Natal, uNksz Nthabeleng Molefe, uthe lezi zehlo zikhombisa ngokusabala ukuthi izigebengu ziphume umkhankaso wokubhuqa amaphoyisa.
“Esikhathini nje esingaphansi kwesonto, mahlanu amaphoyisa asebulewe, amathathu awase-KZN, lilodwa e-Western Cape nelinye eGauteng. Lokhu sikubona njengokuvukela uMbuso ngoba uma ubulala iphoyisa kufana nokuthi ubulala ezokuvikela zezwe. Isibalo samaphoyisa sincane kakhulu uma uqhathanisa isibalo sabantu okumele basizakale, ukubulawa kwawo kwenza isibalo sinciphe kakhulu. Yingakho sizocela ukuthi uhulumeni nabaphathi bamaphoyisa behlangane ukulwa nalesi sihlava,” usho kanje.
Uthe namuhla beyiPopcru bazobhikisha ngaphandle kweNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu, ukufaka ingcindezi ukuthi umsolwa angayinikwa ibheyili.