UYAKHALA umndeni wowesilisa osidumbu sakhe satholakala sishisiwe ejele laseMangaung, elilawulwa yiG4S.
Ubaba kamufi, uMnuz Batho Mpholo ubhale ezinkundleni zokuxhumana ngoMgqibelo, eqinisekisa ukuthi isidumbu esatholakala egunjini lasejele likaThabo, ngesendodana yakhe.
The body that was burnt by Thabo Bester in prison was that of my son. Our own government is failing us. I am broken
— Batho Mpholo (@BathoChief) April 22, 2023
Ekhuluma nabezindaba, uthe batshelwa ukuthi indodana yabo yashayeka phansi yafa isedolobheni eBloemfontein. Uthe abakukholwa lokhu ngoba ukube yayisedolobheni abantu babezomtshela ngoba yayifunwa, njengoba yayithathwa njengomuntu olahlekile.
Ngokusho kwakhe, uKatlego Mpholo, kwakumele ahlanganise iminyaka engu-32 ngoMeyi, wangonyaka odlule, kodwa wanyamalala ngemuva kokulahlekelwa wumsebenzi endaweni yokudlela eBloemfontein.
Isidumbu sikaKatlego satholakala ngoMeyi 2, 2022 ngesikhathi kuqubuka umlilo egunjini okwakuhlala kulo uThabo Bester.
UMpholo utshele elinye lamaphepha ngoLwesihlanu ukuthi babikelwe ngamaphoyisa ngokuthi kwenziwe ulibofuzo ngesidumbu.
Uthe amaphoyisa abatshela ukuthi indodana yakhe yeqisa kwizidakamizwa yashayeka phansi edolobheni, yaphuthunyiswa esibhedlela lapho eyashonela khona yagcinwa emakhazeni kahulumeni.
Uthe bashaqekile bewumndeni ngakho konke lokhu, wathi unina kaKatlego akakwazi ngisho ukukhuluma, ukhungethwe wusizi.
Okhulumela amaphoyisa, u-Athlenda Mathe, uqinisekisile ukuthi imiphumela yolibofuzo eyenziwe phakathi kwesidumbu nonina kamufi iveze ukuthi ngempela bawumndeni.
“Amaphoyisa angakuqinisekisa ukuthi isidumbu esishisiwe esitholakale egunjini elingunombolo-35 eMangaung Correctional Centre, sesihlonziwe kulandela ukuhlangana ngqo nonina ozala umufi. Umndeni wazisiwe ngumphenyi wecala.”