IBIYISILOMO emphakathini esiwuholayo induna yesizwe sakwaMathonsi eMandeni, okuthiwa isocongwe ngabathile abebezenza abebezofuna ukusikelwa indawo, esigamekweni esenzeke ngoLwesibili.
UMnuz Henry Vela Shandu (54) wasoKhovothi, eMandeni, oyinduna ngaphansi kwesizwe sakwaMathonsi, kuthiwa udutshulelwe ngasesangweni emzini wakhe ngabathile abebezenza abafuna ukubekwa endaweni, okuthe uma ephuma nabo eyobakhombisa ibala, bamjikela bamdubula.
Umshana kamufi, uMnuz Jeje Nkwanyana okhulumela umndeni, uthe okwenzekile kubashaqisile futhi bonke abantu endaweni bathutheleka emzini wenduna ukuzobabaza, ngenxa yothando abebenalo.
“Silimele kakhulu ngale nto eyenzekile. Ubewusizo olukhulu kubantu kangangoba ubevuka ngisho ebusuku elele enze umsebenzi wesizwe uma kukhona abantu abadinga usizo. Bekungekho zinsongo abike ukuthi uzitholile noma abantu axabane nabo, noma ngikhuluma nenkosi yesizwe, nayo ishilo ukuthi ididekile ukuthi ngabe lesi senzo senziwe ngobani,” usho kanje.
Uthe abasolwa ababili okukholakala ukuthi badubule umufi bese kungokwesithathu befika ngenhloso yokufuna ukubekwa endaweni, kanti bebengaziwa.
UMnyango wezokuBusa ngoBambisana KwaZulu-Natal usigxekile lesi sigameko. Owukhulumelayo uMnuz Siboniso Mngadi, uthe kuyakhathaza kakhulu ukubulawa kwabaholi bomdabu esifundazweni.
“Sidlulisa amazwi enduduzo emndenini wakwaShandu, isizwe sakwaMathonsi, izihlobo nabangani. Lo Mnyango ngokubambisana nowezokuPhepha nokuXhumana koMphathi, neHhovisi likaNdunankulu, sisebenza ngeqhinga elizoqinisekisa ukuphepha ezindaweni zamakhosi,” usho kanje.
Ukubulawa komholi kule ndawo akuqali, njengoba kuthe ngo-2016, kwadutshulwa inkosi yesizwe uLinda Mathonsi eyadutshulwa isemotweni yayo elokishini KwaChappies, eMandeni, esigamekweni okwalimala kuso nendodakazi yayo.
Kwenzeka lokhu nje, bekusanda kubulawa inkosi Siphamandla Khumalo wesizwe samaNtungwa obewuSihlalo weNdlu yaMakhosi ngaphansi kwesifunda eMajuba. Wadutshulwa nondlunkulu uMadlamini Khumalo.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseSundumbili aphenya icala lokubulala.