UZOFIHLWA ngoNcibijane umbhishobhi webandla leZiyoni, iNew Spirit Church Zion of South Africa.
Ushone ngoKhisimusi uMbhishobhi Nkosinami Raphael (74) waseDlangubo, eMpangeni. Ubedume ngokuba nesiphiwo sokwelapha ngamanzi, kanti kuhlelwe ukuthi afihlwe ngeSonto.
UNksz Nkosingiphile Sikhakhane indodakazi kamufi, ithe babe noKhisimusi omnyama ngoba bebenethemba lokuthi uyise uzolulama.
“NgoKhisimusi siyahlangana singumndeni, sikhuleke, sidle ndawonye. Besibona ukuthi kungenzeka ukuthi awudlele esibhedlela uKhisimusi kodwa besingalindele ukuthi ngalolu suku kungafika izindaba ezibuhlungu kangaka,” kusho uNksz Sikhakhane.
UNkk Samukelisiwe Nzuza, osonta ebandleni likaSikhakhane, uthe bafe olwembiza ngokudlula emdlabeni kwakhe.
"Ubenesiphiwo esehlukile, ubefana nodokotela, elapha aphinde akwazi ukuxazulula imindeni exabene. Ngelashwa nguye ngigula sengihlala esihlalweni esinamasondo. Awukho umuthi angelapha ngawo, wakhuleka wase enginika amanzi awakhulekele. Ngo-2005 ngangikhulelwe wangitshela ukuthi ngizozala ingane yomfana nebala kwaba njalo. Emzini wakhe ubenenqwaba yeziguli abezelapha. Kubuhlungu ukudlula kwakhe emhlabeni ekubeni kunenqwaba yabantu abasadinga usizo lwakhe kodwa ngeke sisho lutho ngoba uNkulunkulu ubesemdinga," kukhala uNkk Nzuza.
Ibandla elasungulwa nguSikhakhane linamagatsha KwaMashu, eVerulam, eMlaza, eMariannhill, eGingindlovu, eMandeni, naseShowe.