KUKHALWA nxazonke ngokubulawa ngesihluku kobeseqhulwini lokulwa nobugebengu esifundeni saseMkhanyakude, uMnuz Sipho "Juda" Mthethwa.
Ngokwesitatimende soMnyango wezokuThutha nokuPhepha nokuXhunyaniswa koMphakathi, uMthethwa ulalelwe unyendle wabulawa kwakhe eManguzi, KwaMhlabuyalingana ngoLwesine ebuya emhlanganweni eThekwini. UNgqongqoshe walo mnyango, uMnuz Sipho Hlomuka, unxuse amaphoyisa ukuba asebenze ubusuku nemini ukuqinisekisa ukuthi ababulali balala bebaliwe. UHlomuka uchaze uMthethwa njengesakhamuzi ebesinesibindi nesinikele ngempilo yaso ukunqanda ukubhebhetheka kobugebengu kulesi sifunda.
"UMthethwa wasungula inhlangano i-Umhlabuyalingana Society Against Crime (USAC) ngo-2014. Lolu hlaka olulwa nobugebengu luchume ngokushesha esifundeni futhi lwahlonishwa njengobelunqanda ukushushumbiswa kwezimoto ziweliswe umngcele endaweni yaseMkhanyakude."
UHlomuka uthe i-USAC beyisebenzisana nomnyango wakhe, amaphoyisa namalungu eJustice Crime Prevention Security ukuqinisekisa ukuthi umphakathi waseMkhanyakude uphephile.
"Ngixhumane namaphoyisa ukuba asebenzise nanoma iyiphi indlela esemthethweni ukuqinisekisa ukuthi abenzi balobu bugebengu bayaboshwa futhi babhekana nolaka lomthetho. Sigqemeke udume lwengozi ekunqobeni ubugebengu eMkhanyakude nasesifundazweni jikelele."
Ungqongqoshe uncome uMthethwa ngomsebenzi awenzile nokuba ngumholi oqotho. Ube esenxusa umphakathi ukuba unikeze amaphoyisa ithuba nesikhathi sokwenza uphenyo olunzulu. Ubuye wawudonsa ngendlebe ukuba ungaqaguli ukuthi leli cala lenziwe ngubani.
UHlomuka ube esedlulisa amazwi enduduzo emndenini kaMthethwa nabebesondelene naye ekulweni nobugebengu eMkhanyakude.