UDUMELE uZodwa waBantu futhi ushaqekile kudlula emhlabeni ugalagala lwenyanga eyamthwasisa, ayichaza njengebinolwazi olunzulu lokwelapha.
ISolezwe lithole ukuthi umufi udlule emhlabeni isigubhukane ngeSonto ezintatha esemzini wakhe KwaNgcolosi kade ekhale ngomkhuhlane.
UZodwa uthe selokhu ahamba nale nyanga baya ethuneni likamkhulu wakhe elise-Eastern Cape uzizwa enamandla ngenye indlela.
"Yinyanga yangampela le eshonile, ungqesta wenyanga. Ngikutshela ngomuntu obekwazi ukwenza izinto zenzeke hhayi indaba yokudlala,'' usho kanjena.
Kuzokhumbuleka ukuthi uZodwa wabonakala ohlelweni lwakhe olubizwa ngokuthi Zodwa Wabantu Uncensored nale nyanga.
Uveze ukuthi Imsizile ukukhanyisa okuningi.
Uthe naye useyinyanga futhi unezindumba ezintathu ezisezindaweni ezahlukene.
UDladla Mshunqisi uthe bagqemeke udume lwengozi ngokudlula emhlabeni kukaMlaba.
Umchaze njengobaba obenothando lwabantu efuna ukuthi njalo banekekelwe abaswele.
Uthe bebenobudlelwane obuhle naye wathi ziningi nezinhlelo abemazisa ngazo abefuna ukuthi kulekelelwe ngazo abantu abasha.
UMnuz Simphiwe Mhlaba ongumfowabo kamufi uthe bagqemeke udume lwengozi ngokushona kukamfowabo.
Umufi ubengomunye wabaholi bebandla laseZayoni, iMelika Jericho Church in Zion.
Uthe leli lifu elimnyama elibagubazele libehle ngaphezulu. '
'Umfowethu ubehlushwa yisifuba. Kusukela sibancane kodwa bekuba yinto elaphekayo kodwa ayikho inkinga ngoba lapha emhlabeni asihlezi ngenkani,'' usho kanjena.
Umufi ubaziwa ngokugqoka izingubo ezibizayo afake nemigexo ebizayo.
Bekuthi njalo uma kuwusuku lwakhe lokuzalwa anikelele ngamagilosa okudla nangezingubo zokugqoka imindenini engu-50 entulayo.
Uyindodana yesithathu emadodaneni amane azalwa yinyanga eyayidumile uDlothovu owashona ngo-2006.
Emadodaneni akhe uDlothovu ukhamba lufuze imbiza njengoba onke eyizinyanga.
UMfu Thulani Gwala ongusihlalo wenhlangano uHlangana Zayoni, uthe umufi uyibekile induku ebandla ngokuthuthukiswa kwebandla laseZayoni.
Indodakazi kamufi, uNksz Nonhlanhla Mhlaba, ithe balimele kakhulu.