UKUPHILA ngemali ebolekiwe kuholele ekutheni umasipala ungakwazi ukufeza isibopho sawo sokunikeza umphakathi izinsiza zawo .
Imeya kaMasipala iNewcastle, uMnuz Xolani Dube ebithula umbiko wezimali kulo masipala izolo, ithe umasipala ucindezelwe isikweletu osikhokhayo sikaR200 million.
" Umasipala waboleka uR64 million ngonyaka wezimali u2013/2014, ngonyaka wezimali olandelayo u-2014/2015 waboleka R280 million. Leso sikweleti sinenzalo enkulu eyenza ukuthi sifane nabantu abakweleta umashonisa othi usikhokha ube uboleka futhi. Le mali sizoqeda ukuyikhokha ngo-Agasti. Uma sesiqedile sizokwazi ukuba nemali enguR8.7 million esizokwazi ukwenza ngayo izidingo zomphakathi," kusho uDube.
Uthe okunye okudala inkinga kulo masipala ukuthi ukweletwa umphakathi imali yezinsiza ezifana nogesi namanzi engu-R1.5 billion.
"Umphakathi waseKilbarchan, Madadeni, Osizweni naseCharlestown ukweleta ingxenye enkulu yale mali njengoba ukweleta, uR1.2 billion. Uma sibuza isizathu sokuthi kungani abantu bengakhokhi bathi bahlwempu kodwa ohlwini esinalo abakaze beze phambili bazosho ukuthi bayehluleka ukukhokhela izidingo. Bakhona abangakwazi ukukhokha kodwa singabantu siya ngokuya siba ngabantu abafuna ukuphila ngezinto zamahhala okudala inkinga ngoba umasipala ukuze uphile udinga ukuthi ungenise imali. Sike sabonisana nabaphathi bakamasipala ukuthi mhlawumbe kungaba njani ukuthi siqale kube nemali elinganayo ekhokhwayo. Ngisho kungathiwa uR50 ungawenza umehluko," kusho uDube.
Uthe ukungabi khona kwemali eyenele yokwenza izidingo kudala ingcindezi yokuthi uma kuvela inkinga edinga ukulungiswa, umasipala uqale uyobheka ukuthi uzonciphisa kuphi ukuze ukwazi ukukhokha.
Uthe enye imali emoshekayo abayikhokhela amanzi alahlekayo ngenxa yokuvuza kwamapayipi.
Uthe bakhokhela uThukela Water uR11 million ngenyanga kodwa uR4 million waleyo mali kusuke kukhokhelwa amanzi angasetshenziswanga, alahlekile ngenxa yokuvuza kwamapayipi.