USAGCWELE amathafa owesifazane (20) okuthiwa ushise umjondolo kayise wengane yakhe emva kokumbamba nentombi eMhlasini, eVerulam, eThekwini, ngoMgqibelo ebusuku kwagcina kusha kungqongqa owesilisa obengahlangene nengxabano yabo.
Ngokuthola kweSolezwe, mithathu imijondolo ehlala iziqashi kule ndawo egcine isha kulesi sigameko.
Oshonile nguMnuz Jabulani Dlamini okuthiwa ungowokudabuka eJozini.
Ngokusho kowesilisa olwaziyo udaba, ongomunye womakhelwane, ingane kamsolwa enezinyanga ezine igcine isala kanjalo nesinqandamathe sakhe, uNksz Akhona Mzotho.
“U-Akhona ufike wayicosha ingane, umsolwa eyishiye phansi, ikhala esenyamalele. Ujwayele vele ukuyishiya kanjalo uma ehamba izindlela zakhe, isale ithathwa yinoma ubani oyidabukelayo,” kusho lo makhelwane.
Uthi bathole emva kwesikhashana ukuthi umsolwa ubedalakace ingane nje yingoba ubehambe ecela amafutha azophemba ngawo umlilo ngaphakathi endlini kayise wengane.
Uqhube wathi bagcine beyoyibeka enkulisa yendawo egada izingane ubusuku nemini ingane emva kokubona ukuthi umsolwa noyise wengane ababuyi.
“Asinazo izinombolo zabo zamaselula, asibazi baphi. Besizitshela ukuthi uyise wengane uzobuye abuye azobheka ukuthi kusale kwaba nomonakalo ongakanani kodwa akakaze abuye,” kuqhubeka umakhelwane.
Uthe bakholwa ukuthi umsolwa usefana nomuntu obalekile ngoba kuthiwa uzwile ukuthi kusale kwenzeka umonakalo ongakanani emva kokuthi eshise umlilo.
Esinye isiqashi esishelwe yikho konke, uNksz Kesly Ncube, sithi sizwe kuthiwa umsolwa uqale waba nengxabano noyise wengane ngezikhathi zasebusuku, waduba wahamba.
“Kuthiwa ubuyile wafica uyise wengane yakhe enentombi endlini. Kuthiwa bashayene waze umsolwa wagwaza uyise wengane,” kusho uNksz Ncube.
Uthi yilapho uyise wengane ephume khona nentombi yakhe babaleka, elimele.
“Kuthiwa umsolwa usale waqoqa izimpahla zakhe, wahamba enana amafutha komakhelwane, wabuya wazoshisa ngawo indlu,” kusho uNksz Ncube.
Uthe umlilo uvele wenabela emijondolo yabo, kowakhe kwasha zonke izimpahla, kulo omunye kwasha uDlamini obelele ngaphakathi.
Uthe kumanje uhleli kwamakhelwane ngoba akakazi ukuthi uzothathani ahlanganise nani.
Izakhamuzi zibuye zakhombisa Isolezwe imiyalezo okuthiwa ibhalwe wumsolwa ezinkundleni zokuxhumana, esho ukuthi bekungesiyo inhloso yakhe ukubulala umuntu.
Bemchaza, bathe uyinhlobo ethandayo vele ukuyoziphuzela, ishiye kanjalo ingane.
Osekomitini lomphakathi, uMnuz Shadrack Dlodlo, uthe bayile endaweni yesigameko, wathi abadinga usizo oluphuthumayo ngohlelo lwezinhlekelele bazoluthola ekhanseleni, uMnuz Fakazi Mdletshe.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseVerulam aphenya icala lokufa komuntu kulandela isigameko esenzeke eMhlasini ngoMgqibelo.
“Kubikwa ukuthi kushe imijondolo emithathu, umuntu obengaphakathi kowodwa wayo uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko. Imbangela yomlilo ayikaziwa,” kusho uNetshiunda.