ILUNGU lesigungu esiphezulu kuMasipala waseThekwini, uMnuz Thembo Ntuli, ufuna umkhandlu uxhase izintombi eziya eMkhosini woMhlanga ngendlela efanayo naleyo oxhasa ngayo imicimbi yobumnandi.
UNtuli uthe akulungile ukuthi umasipala uxhase ngezigidi zamaRandi imicimbi yobumnandi kodwa uhluleke ukuxhasa ngendlela eyanele izimbali zezwe eziqhamuka eThekwini ezisuke zilibangise eMkhosini woMhlanga.
Lokhu ukusho ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu emkhandlwini obuyizolo.
Nakuba beziphume ngobuningi izintombi eMkhosini woMhlanga wakulo nyaka obusesigodlweni eNyokeni, ngempelasonto, kube nesikhalo sokuthi izintombi eziningi aziyanga emkhosini ngenxa yokweswela izinto zokuthutha.
Imikhandlu eminingi kuthiwa isinciphisile isibalo samabhasi abethutha izintombi.
UNtuli uthe imali efakwa umkhandlu ukuxhasa izintombi eziya eMkhosini woMhlanga ayanele.
Uthe uMkhosi woMhlanga ubalulekile ekukhuliseni izintombi, wathi umkhandlu awuzuzi lutho ngokufaka izizumbulu emicimbini yobumnandi.
“Isibalo sabantwana asijabulisi. Sifaka imali eningi ekuxhaseni imicimbi yobumnandi kodwa asitholi lutho ngayo. UMkhosi woMhlanga ukhuthaza izintombi ukuba zizigcine. Kubi ke ukuthi uma sekufike isikhathi sokuthi izingane ziye kozikhombisa, bese kuba nezinkinga. Lezi izingane zasemakithi ezizigcinile, akufanele ukuthi uma sekufanele ziyozibonakalisa bese kukhalwa ngezimali.”
UNtuli uthe kufanele umasipala ushintshe ukwenza.
“Kufanele siyilungise le ndaba. Ngiphonsela inselelo bonke abathintekayo ukuba balusukumele udaba. Nginxusa ngisho nohulumeni wesifundazwe ukuba nawo uyilungise le ndaba ngoba iyasithinta sonke.”
UDkt Nomagugu Ngobese, weNomkhubulwane Culture and Youth Development Organisation, uthe ziningi izintombi ezingayanga emkhosini wakulo nyaka ngenxa yokushoda kwamabhasi.
“Ukube abazali abakhiphi izimali zabo zokugcina, ngabe ziningi kakhulu izintombi ezigcina zingayanga. Uvele uthunyelwe ibhasi eyodwa ekubeni unezingane eziwu-400, bese uyaxakeka ukuthi uzozenza njani lezi ezinye. Okuxakayo ukuthi uma kuyiwa emaralini, amabhasi agunquza nabantu abathathu.”
UDkt Ngobese uthe le nkinga babhekana nayo minyaka yonke.
“Amaphutha maningi lapha komasipala. Kuyasho ukuthi benza into abangayithandi. Angikhumbuli ukuthi bake bayithanda le nto, bayenza ngoba nakhu bephoqelekile. Vele ke uma wenza into ongayithandi, kuzokuba namaphutha.”
UDkt Ngobese ukhuthaze abazali bezintombi ukuthi bangathembeli komasipala.
“Mina nje engingakuphakamisa ukuthi abazali abaqale ukuqongelela ngoJanuwari. Kufanele sikwazi ukuzimela ngoba uma uncike kumuntu uvela obala uma loyo muntu esesusa isandla.