BAFUNA athathelwe izinyathelo uthishanhloko abazali babafundi abathathu baseMabayana High School eNdwedwe Mission abamsola ngokunqabela izingane zabo ezifunda u-matric ukuba zibhale izivivinyo zokuphela konyaka, enye yazo ngoba ibizithwele.
Kuthiwa zintathu izingane ezingazibhalanga izivivinyo.
Eyodwa yazo ibikhulelwe, yateta ngoMashi. Okucasule abazali ukuthi uthishanhloko kuthiwa uyivumele ukuthi ibhale izivivinyo zangoMashi nezangoJuni kanjalo nezangoSepthemba kodwa kuthe sekufanele ibhale ezokuphela konyaka wayinqabela.
Umzali wayo ekhuluma neSolezwe usole uthishanhloko ngokubulala ikusasa lendodakazi yakhe ngokuyinqabela ukuthi ibhale.
“Ngikhubekile ngalesi senzo sikathishanhloko. Ingane ihambile yayoteta ngoMashi, yabuya yaqhubeka nokufunda, kwaba sengathi konke kuhamba kahle. NgoJuni yabhala, nangoSepthemba futhi yaphinde yabhala kodwa kuthe sekufalene ibhale izivivinyo zokuphela konyaka, wathi ngeke ikwazi ukubhala,” kusho umzali.
Uthe lokhu kumphathe kabi ngoba akaqondi ukuthi kungani ivunyelwe ingane yakhe yabhala unyaka wonke, kodwa kuthi uma sekufanele ibhale okokugcina ekupheleni konyaka, bese kuthiwa ngeke isakwazi. Uthe usola ukuthi uthishanhloko unqabele lezi zingane ukubhala ngoba ebona ukuthi kungenzeka zehlise izinga lokuphasa lesikole.
Umfundi othintekayo eziphawulela, uthe ubenethemba lokuthi uzobhala, aphase, ukuze aqhubeke nezifundo zakhe esikhungweni semfundo ephakeme ngonyaka ozayo, kodwa lokhu sekufana nephupho.
Isolezwe lithole nokuthi abanye abafundi abanqatsheliwe ukuthi babhale ingoba abazali babo bahluleke ukukhokha imali yokufunda ngezimpelasonto, okuwuhlelo okuthiwa lwasungulwa uthishanhloko ngesikhathi efika kulesi sikole ngo-2019.
Kuthiwa uthishanhloko ngesikhathi enxusa abazali ukuthi baluvume lolu hlelo lwekhempu yokusiza abafundi baka-matric ukuthi babuyekeze, wathi luzosiza ekwenyuseni izinga lokuphasa u-matric esikoleni.
Bathe uhlelo lwenziwa minyaka yonke uma sekuzobhalwa izivivinyo zokuphela konyaka. Kuthiwa bonke abafundi baka-matric bashiya amakhaya bayohlala esikoleni kuze kuphele izivivinyo.
“Ukuze umfundi abe yingxenye yeohlelo kuthiwa kufanele akhokhe uR800 kuthishanhloko okuthiwa ubethi owemali yokudla ngesikhathi umfundi ngamunye,” kuchaza umzali.
Omunye umzali womfundi oba yingxenye yohlelo uthe bafuna umnyango uyivale ngoba izingane zabo zibatshele ukuthi zibulawa yindlala, imali abayikhokhayo ayisizi ngalutho.
“Sithole ukuthi akukho ukudla akuthengayo ngalo-R800 kunalokho, uthatha ukudla kwesikole vele, apheke kona yikho izingane zethu zilamba ngoba kuyashoda,“ kusho umzali
Uphinde wazwakalisa nokukhathazeka ngokuphepha kwezingane zabo njengoba bethole ukuthi ziyakhiyelwa njalo ebusuku uma beqeda ukuzifundisa othisha sebegoduka bazishiye zodwa.
Uthe bazamile ukukhuluma nothishanhloko ngezikhalo zabo ngalolu hlelo, kodwa wabachitha ngelithi bakhulumela ukudla ekubeni ikhempu isiza abafundi ukuthi baphase ngamalengiso.
Uvumile nokho ukuthi selokhu kwafika lo thishanhloko kulesi sikole ngo-2019, izinga lokuphasa lenyukile.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal uMnuz Sihle Mlotshwa uthe sebexhumene nehhovisi lesifunda ngalolu daba.
“Akekho umuntu okufanele anqabele abafundi ukuthi babhale izivivinyo, siyalele ihhovisi lesifunda ukuthi libheke ukuthi lezi zinsolo ziyiqiniso yini,” kusho uMlotshwa.
Ethintwa uthishanhloko, wedlulisele ucingo kwimenenja yesekhethi, uMnuz Tsidiso Papo abenaye ngesikhathi ethintwa.
UPapo uthe sebazisiwe ngalezi izinsolo.
“Ngolwazi lwethu bonke abafundi abafanele ukubhala bayabhala. Abangakwazanga ukubhala kube ngenxa yezizathu zabo eziseceleni abazibekile, thina njengomnyango sanikeza ezethu izeluleko ngendlela efanele,” kusho uPapo.
Uthe olomfundi ongabhaliswanga ngoba kade ekhulelwe, nalabo abangakhokhanga, lungamampunge.
“Ohlelweni kukhona nabangakhokhanga. Lukhona uhlelo isikole esalwenza lokuthi kube khona abazali abazoshintshana ngokugada ebusuku ukuze kuqinisekiswe ukuthi abafundi baphephile. Ayikho futhi indaba yokuthi abafundi bayalamba,” kusho uPapo.
Wethembise ukuthi uzovuka aye esikoleni namuhla ayophenya.
Ngasekuqaleni kwezivivinyo, uMnyango wezeMfundo kuzwelonke wabiza isithangami nabezindaba lapho wawuzobika khona ngokuqhubeka kwazo.
Izikhulu zomnyango zaphawula ngezigameko zohlobo olufanayo ezenzeke kwezinye izifundazwe, zagcizelela ukuthi le ndlela yokuziphatha kothishanhloko ayamukelekile.