Izinhlangano ezilwela ukuthi kube nesibonelelo sabangasebenzi kuleli sezizwakalise ukukhathazeka ngohlelo lokuqinisekisa imininingwane yabahola uR370 obuwu-R350 wabangasebenzi njengoba zithi abanye bagcina sebekhishelwe ngaphandle kulolu hlelo.
Lezi zinhlangano ezakhe umfelandawonye obizwa nge-Universal Basic Income Coalition (UBIC), zithe uhlelo lokuqinisekisa imininingwane lubakhiphela ngaphandle abadinga lesi sibonelelo ngoba iningi labo alinawo amaselula anamakhamera okwenza kube nzima ukuthi baqinisekise ukuthi kuseyibo ngempela laba abaholayo.
Ngeledlule Isolezwe liye labika ukuthi iSouth African Social Security Agency (Sassa) iqale uhlelo lokuqinisekisa imininingwane yabantu ukuze ilwe nokukhwatshaniswa kwemali.
UMnuz Paseka Letsatsi obhekele ezokuxhumana kwaSassa waveza ukuthi kunamaqola azama ukuhlomula kule mali ngakho ukugwema lokhu iSassa icela abahola isibonelelo sabangasebenzi ukuba baqinisekise imininingwane yabo.
Abahola isibonelelo sabangasebenzi baye babheke ukuthi isibonelelo sabo sesiphasisiwe yini kanti uma kuvela ukuthi iSassa ifuna baqinisekise imininingwane kufanele bakwenze lokhu.
Bazobe sebethola ama-sms amabili, eyodwa ebachazela ukuthi lwenziwa kanjani uhlelo lokuqinisekisa imininingwane bese kuthi eyesibili ine-link okungenwa kuyo ukuze uqinisekise imininingwane.
Okwamanje imininingwane iqinisekisa ngale ndlela njengoba iSassa ifuna kuvele ubuso bomuntu oholayo ukuze ibone ukuthi uye ngempela.
UNkk Elizabeth Raiter we#Paythegrants okungenye yezinhlangano ezikwi-UBIC, uthe baningi abangeke bayihole imali yabo kaJuni ngenxa yokuthi lolu hlelo lumenyezelwe sekuhambe isikhathi futhi abaningi abanawo amaselula.
Uthe yize bekuqonda ukuthi iSassa kufanele ilwe nenkohlakalo kodwa abahambisani nokuthi kukhishwe inyumbazana abantu abahola isibonelelo sabangasebenzi.
Ukhale ngokuthi njengoba imisebenzi ingekho abantu abaningi sebeziphilisa ngale mali ngakho ukuphazamiseka kwezinhlelo zokuyihola kunomthelela omubi empilweni yabo.
Uphethe ngokuthi bazoqhubeka nokuxoxisana neSassa ukuze kulethwe uhlelo olungeke lukhiphe inyumbazana abangenawo amaselula esimanje anamakhamera.