KUKHALWA ngbafundi abasabhuquza emakhaya ekubeni sekuphele izinyanga ezimbili kwavulwa izikole nonyaka.
UDkt Imran Keeka, oyilungu lesiShayamthetho leDA KwaZulu-Natal, uthe bayazi ukuthi kunabafundi abangafundi kuze kube yimanje.
Uthe izizathu wukuthi kushoda izikhala zokufunda, okubalwa nasezikoleni zabaphila nokukhubazeka.
“Kunabafundi, abazali babo abaphuza ukufaka izicelo zokufunda, ababhuquza emakhaya. Bazamile ukuthola usizo, beza nakimina sekuvulwe izikole.”
UKeeka uthe abazali mabangahlali dekle kodwa mabasheshe babhalise.
“Abazali mabaqale bafake izicelo zokufunda ngonyaka ozayo zisuka nje ngenyanga ezayo.”
Uthe uma benemininingwane bazokwazi ukulandelela ukuthi kungani bengathathwanga.
Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Sihle Mlotshwa, uthe ngokolwazi lwabo akekho umfundi okumele ngabe wasithola isikhala ongafundi.
Uthe kusuka ekuqaleni konyaka bebecebisa abazali babafundi abebengakazitholi izikhala ukuthi babike emahhovisi oMnyango.
“Besibatshela ezinkundleni ezehlukene zokuxhumana, ukuthi mabaye emasekethe. Uma umzali engayi kobika, ngeke sazi singuMnyango ukuthi kunomfundi ohleli ekhaya ongafundi ngoba sizobe singabikelwanga ngaye,” kusho uMlotshwa.
Omunye umzali ocele ukungavezwa, ohlala eMariannhill, ukhale ngokuthi kwamosheka isonto lokuqala lokuvulwa kwezikole izingane zakhe zingafundi njengoba wayengalutholi usizo lokufaka izingane esikoleni.
“Ngesonto lokuqala kuvulwa izikole izingane zami kazifundanga ngoba ngangehla ngenyuka ngifuna isikole.”