KUQUBUKE isikhalazo kogaqele esoMvikeli woMphakathi, njengoba namhlanje kuqala uhlelo lokuphonswa kwemibuzo kwalabo abagaqele isikhundla.
Lokhu kudalulwe nguSihlalo wekomiti lasePhalamende, elijutshelwe ukuthi lithungathe uMvikeli omusha, uMnuz Cyril Xaba.
Bayisishiyagalombili abazophonswa imibuzo abaphumelele ohlelweni obelufaka nokuhlolwa yizinhloli kuleli.
UXaba uthe uyedwa umuntu okhale ngokuthi akazange afakwe ohlwini lwabantu abazophonswa imibuzo, othumele incwadi yabameli ekhala ngenqubo yohlelo lokukhetha uMvikeli olandelayo.
Uthe umbiko uveze ukuthi abazophonswa imibuzo abakaze balahlwe amacala. Ihhovisi likandabazantu ePhalamende liveze ukuthi bonke labo abazophonswa imibuzo, iziqu zabo azinagcobho.
“Akukho kugxekwa kwamalungu akhethiwe ngoba nohlelo beluvulelekile. Silandele yonke imigudu efanele. Bane abazoqala baphonswe imibuzo kusasa (namhlanje) ePhalamende enkudleni evulelekile,” kusho uXaba.
Uthe bonke abakuleli kanti amalungu ePhalamende angu-11, azonikwa imizuzu eyisishiyagalombili yokuphonsa imibuzo.
UXaba uthe bakhethe abathole amavoti amaningi ngesikhathi beqokwa.
Abazophonswa imibuzo namhlanje o-Advocate Tseliso Thipanyane, Adv Kwena Tommy Ntsewa, Adv Oliver Josie no- Adv Lynn Marais.
ONksz Muvhango Lukhaimane, Nksz Johannah Ledwaba, Solwazi Boitumelo Mmusinyane no-Adv Kholeka Gcaleka bazophonswa imibuzo kusasa.
Ikomiti lizobe selibhunga ngesonto elizayo bese libikela nePhalamende ngo-Agasti 31, ngelimphakamisayo.
Ozophakayiswa kudingeka athole ukwesekwa u-60% wamalungu ePhalamende ukuze igama lakhe lithunyelwe kuMengameli Cyril Ramaphosa, ukuze amqoke.
Ilungu le-EFF uNksz Omphile Maotwe, likhale ngokufakwa kuka-Advocate Gcaleka, ebantwini abazophonswa imibuzo. UNksz Maotwe ukhala ngokuthi -uAdv Gcaleka wamkhipha phambili uRamaphosa ophenyweni oluthinta ukutholakala kwemali engamadola epulazini lakhe, iPhala Phala.
UXaba umchithile wathi uzolithola ithuba lokukhalaza uma esefakwa imibuzo kusasa. Ihlandla lomvikeli womphakathi liphela ngo-Okthoba kulo nyaka.