AWENEME ngokuhudula izinyawo kwamaphoyisa, umndeni wengane yaKwaMagwaza, eNkandla, osekuphele unyaka ingangcwatshiwe.
ULusakhanya Mkhize (2) isidumbu sakhe esagcina sitholwe sicwiyiwe ngo-Septhemba nyakenye, wayekade elahleke kwamakhelwane lapho ayegadwe khona ngo-Januwari. Kuthiwa ulimi namanye amalunga omzimba kwakungekho.
Unina kamufi, uNksz Nonto Mkhize, ubalisa ngamaphoyisa awasola ngokuthi amenzela phansi.
Ukhala ngokuthi kuze kube yimanje akakwazi ukuqhubeka nezinhlelo zokufihla indodana yakhe ngesizotha.
Uthi amaphoyisa alokhu emtshela ukuthi imiphumelo yolibofuzo ayikabuyi ePitoli.
“Bebelokhu becasha ngokuthi kusalindwe imiphumela yolibofuzo lwalabo abashona engozini oPhongolo kanjalo nalabo abashona ngomlilo khona oPhongolo,” usho kanje.
Uthi unabo abantu abajwayele oPhongolo abamtshela ukuthi kade yabuya imiphumela yolibofuzo lwalabo bantu amaphoyisa akhuluma ngabo futhi sebaze bangcwatshwa.
“Konke lokhu akungiphathi kahle ngoba nami ngifuna ukufihla ingane yami,” echaza.
Uqhube wathi ufuna kube khona oboshwayo ngodaba lokulahleka kwengane yakhe, itholakale seyishonile.
Phakathi kwabantu athi ufuna bavalelwe, owesifazane owayemgadele ingane.
“Miningi imibuzo enginayo ngaye ngoba ngosuku eyalahleka ngalo ngathola ukuthi ilahleke ngabo-9 ekuseni kodwa yene waze wangitshela ngabo-12 emini. Okungenza ngibe nemibuzo ukuthi ngamthumela umyalezo ngabo-9 ekuseni ngifuna enze izaba kwazise ingane yayiphethwe yisisu. Esikhundleni sokuthi angitshele ukuthi ingane seyilahlekile wavele wavuma lokhu engangikusho kwaphelela lapho,” usho kanje.
Uthe okunye okumdidayo ukuthi la okwagcina kutholakala khona isidumbu sengane, eduze kwakhona kunomuzi wesihlobo salapho eyayigadwe khona.
Ubuye waveza nokuthi bayazibuza bayaziphendula ukuthi kungani isidumbu sengani singazange sisheshe sitholakale ngoba lapho esagcina sitholwa khona yindawo ephithizelayo.
Uveze ukuthi amaphoyisa awazange athathe izithombe endaweni yesigameko ekhala ngokuthi awayiphethe ikhamera
Uthe futhi kunezinsalela zesidumbu amaphoyisa avele azishiya kanjalo, kuzona kukhona amazinyo nezingubo ayezigqokile umufi.
Uveze ukuthi zimbili izingane ayekade ezicelele ukuthi zigadwe uLusakhanya nenye eyayineminyaka emihlanu kwazise yena kukhona itoho owayelibamba esikoleni sendawo kanti elinye ilungu lomndeni elalijwayele ukusala nazo lalinendlela izinsuku ezimbili.
Ngesikhathi amaphoyisa ezocinga umkhondo ngezinja, uveze ukuthi umakhelwane walapho ingane eyayigadwe khona wala waphetha ukuthi angene acinge kubo. Uthi agcina engacinganga ngempela nokwaba yinto eyamumangaza. Uthi waze wavuma emuva kwamasonto amabili nokuyinto athi yabashiya nemibuzo.
Uthe ngosuku lokuqala akubanga nankinga, ngolwesibili kwabe sekwenzeka lo mshophi.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe idokodo lokufa komuntu lisaphenywa amaphoyisa aseKombe.
“Amasampula olibofuzo athathwa kodwa angamesha. Kuphinde kwathathwa amanye,” kusho uLt Col Gwala.