USHAQEKILE umphakathi waseMatimatolo ngaseGreytown, kubulawa ngesihluku owesifazane nendodakazi yakhe bengqongqiswa nendlu abebehleli kuyo, okuthiwa kwenziwe ngabebebasola ngokuthi bayathakatha, esigamakweni esenzeke ngoLwesibili, ntambama.
Lesi sihluku esishiye umphakathi ubambe ongezansi, senzeke esigodini saseNkombelwe ku-ward 2 khona eMatimatolo kuMasipala waseMvoti. Sidlule nomphefumulo kamama wekhaya uNkk Fikile MaDladla Msimango nendodakazi yakhe uNksz Nkosi Msimango, okusolwa ukuthi kwenziwe amalungu omphakathi aziwayo, angomakhelwane abesola uNkk Msimango ngokuthakatha.
Ngokulandisa kwenduna yendawo uMnuz Thembinkosi Cele, lesi yisigameko sokuqala salolu hlobo ukwenzeka selokhu aba yinduna endaweni futhi sibahlukumeze kakhulu bengamalungu omphakathi.
“Ngenxa yokuthi kuyibangana ukusuka lapho ngikhona, ngivukele khona ekuseni ngiyobabaza kodwa bese kukhala ibhungezi njengoba kuthiwa izingane ezisinde khona zithathwe amaphoyisa azihambisa ezihlotsheni zazo, lapho zibhace khona. Kuthiwa bekuyoshaya ihora lesihlanu ntambama ngesikhathi kufika abafana ababili abaziwayo bakhona endaweni, baqhulula inhlamba beyibhekise kwabebekulo muzi bebasola ngokuthakatha, okuthe ekugcineni basonga ngokuthi bazobuya bafuna ukubakhombisa kahle,” kusho uCele.
Uthe emva kwesikhashana kuthiwa babuyile sebeyiqulu okuvele ukuthi bekukhona kubo nabesifazane, bafike babavalela endlini ngaphambi kokuba bokhele indlu obekukhona kuyo laba ababili, basha bangqongqa kanti amanye amalungu omndeni amane okuthiwa iningi lawo yizingane, asinde ngokulambisa ngoba abengekho endlini ebinoninakhulu nonina ngesikhathi ishiswa akwazi ukubaleka.
UCele uthe yize bekukhona ukungezwani phakathi kukamakhelwane nomakhelwane, njengoba ubebuye ahlalise amacala abo esigcawini, kodwa ubengakaze acabange ukuthi kungaphetha ngesihluku esingaka, waqinisekisa ukuthi abenze lokhu ngoba bayaziwa endaweni uzobiza umhlangano badingiswe njengoba kuthiwa basagcwele izinkalo abakaboshwa.
Ikhansela lendawo uMnuz Zwakushiwo Zondi uthe lesi sigameko singezinye zezigameko ezithusayo ezilokhu zenzeka endaweni.
“Kwenzeka lesi sigameko nje, besisababaza isigameko sosolwa ngokudlwengula indodakazi yakhe eneminyaka eyisithupha esenzeke emasontweni adlule. Kubuhlungu lokhu okwenzekile, okusithobayo ukuthi ngizwa kuthiwa bakhona asebeboshiwe,” kusho uZondi.
Yize uZondi ethe kukhona asebeboshiwe, kodwa amaphoyisa awazange akuqinisekise ukuboshwa kwabasolwa.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uConstable Thenjiswa Ngcobo uthe amaphoyisa aseMatimatolo aphenya amacala okubulala.