KUSUKE isidumo esikoleni iBhekintuthuko Secondary, eMcitsheni, eMnambithi, ngesikhathi umfundi eginqa uthisha ngembokodo emuva kokuthi kade emkhuza engaziphethe kahle.
Uthisha uMnuz Skhumbuzo Mhlongo, uthi umfundi uvamisile ukuhlupha futhi akaziphethe kahle. UMhlongo uthi umfundi wethuka kwasani, ubachapha ngenhlamba abakhiphe ngaphansi kwezidwaba zonina.
“Ngingene ngizofundisa ebanga umsindo. Ngamkhuza, kwasuka isidumo engithuka engibiza phansi kweziketi zikamama. Wake wakwenza lokhu nakuqala, ngiphandle ngikhuluma nocingo. Wangethuka. Ngidumele ngoba udaba alusingathwanga kahle ngesikhathi ngilubika ekuqaleni,’’ kukhononda uMhlongo.
UMhlongo uqhube wathi ngendlela aluhlaza ngayo lo mfundi akabazi nokuthi bayini abanye. Uthe ngesikhathi emhlasela ubesegcekeni wacosha amatshe lo mfundi wamjikijela, elokuqala lageja wamshaya ngelesibili, wawa wanyela. Okhulumela uMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal, uMnuz Muzi Mahlambi uthe udaba baluthatha njengolubaluleke kakhulu.
“Uma sithi othisha abangabashayi abafundi, sisuke sithi nabo abafundi abanalo ilungelo lokulwa nothisha. Wudaba olubalulekile lolu esizolusukumela phezulu,’’ kusho uMahlambi.
Uthisha uvule icala emaphoyiseni futhi ufuna ukubona ubulungiswa. Kuvele ukuthi amaphoyisa ake afika kubo komfundi angamfica kusolwa ukuthi ushaye utshani emuva kokwenza lesi sigameko.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLieutenant Colonel Nqobile Gwala, uthe likhona icala eliphenywa amaphoyisa.
“Ummangali uthi ubesemsebenzini ngesikhathi ehlaselwa wumsolwa owaziwayo wamshaya walimala waphuthunyiswa ukuyothola usizo lwezempilo. Amaphoyisa esiteshi saseZakheni, aphenya icala lokushaya ngenhloso yokulimaza,’’ kusho uLt Colonel Gwala.